... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakukhohlwa uKwenza Uku …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 96:1-4 Hlabelelani kuJehova iHubo elisha ,nihlabelele kuJehova mhlaba wonke .Hlabelelani kuJehova nibonge igama laKhe ,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla .Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe ,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke . Ngokuba mkhulu uJehova udumisekile kakhulu ;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu .

Imizwa yokuphila nxazonke kithi ibukeka ihamba izigaba ngezigaba . Kwesinye isikhathi ngento ethile ebihamba kahle kamnandi,sizizwa simnandi .Kwezinye izikhathi kungaba ngukuzwa umoya oheleza kahle othi usuka ube sishingishane ,lapho ke asizizwa kamnandi.

Futhi kunezikhathi lakhona kungenasizathu ,sivese sizizwe engathi kuthi phah impama ebusweni bethu ! Izinto zivese zize kithi singazibonanga nokuthi ziqhamukephi ingempela .Size some sizibuza ivelephi ingempela lento esingisiphula ezimpandeni ,kumbe kube ngukucwecwa sasikela okulokhu kukunakile usuku nosuku kulokhu kukuncuza unganakile  .Yebo nebala umuzwa wokuba nempilo nxazonke uyehla uyenyuka.

Noma  ngabe ukusiphi isigaba salomuzwa njengamanje sisakhuluma  mhlawumbe iselapho esikhulu sakho konke –lokhu kulula uwe [nakimi] ukukhohlwa ukwenza  lokhu –

Ihubo  96:1-4 Hlabelelani kuJehova iHubo elisha ,nihlabelele kuJehova mhlaba wonke .Hlabelelani kuJehova nibonge igama laKhe ,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla .Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe ,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke .

Ngokuba mkhulu uJehova udumisekile kakhulu ;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu .

Lento eyodwa esikhohlwa ukuyenza ,ukudumisa uJehova .Yebo nebala amazwi angaqina kalula emlonyeni yethu –mbonge uNkulunkulu mfowethu ,mbonge uNkulunkulu dadewethu ! Kodwa lokhu kunokuningi kunokusho umusho nje .

Uma izindumiso zikaNkulunkulu zisezindebeni zethu ,ugcwalisa izinhliziyo zethu ngesibindi nentokozo –okuningi ngalendlela yokuthi asinakukumumatha .Simelwe ukutshela abantu ngezinto ezinkulu ,izinto ezimangalisayo azenzile  ezimpilweni zethu .

Lalela  – Hlabelelani kuJehova iHubo elisha!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.