UNgamangali
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 3:7,8 Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’ 8 Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya
UMoya oNgcwele unikelwe labo abakholwa nguJesu ukusinika amandla ukuba yikho konke asenzela ukuba sibe yikhona .Kodwa manje ,empeleni ungubani loMoya oNgcwele futhi usebenza kanjani?
Ngakho namhlanje sihlanganyela noNikhodima noJesu ngesikhathi iNkosi isamchazela ukuthi yezelani la emhlabeni ,ekugcineni kosuku ,uKhisimusi ongalokho kanye .
Othandweni lwaKhe olukhulu ,uNkulunkulu analo ngathi usifuna siphile impilo ekhululekile esonweni .Okubuhlungu baningi kulezinsuku abazibiza nga “MaKhrestu” kodwa okusamale baqale baphenduke ezonweni zabo ,baphenduke bafulathele lokho abakwaziyo ukuthi ku –wrong .Futhi njengokuba sibonile izolo ukuzalwa ngokusha ,okungumbandela wokuqala kaJesu ukungena eMbusweni kaNkulunkulu ,kuchaza okubili ;ukuphenduka [ukuzalwa ngamanzi] nokwenziwa busha [ukuzalwa ngoMoya].
Ngakho ungasho ngeqiniso kangakanani ukuthi uzelwe ngokusha ?
NgokukaJohane 3:7,8Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’ Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya
Kugcina ngokuba kubonakale ubufakazi bomsebenzi kaMoya uguqula izinto empilweni yethu .Unjengomoya ovunguzayo laphaya ezihlahleni othi ungavunguza qede uzizwele ubufohlo fohlo eziqathakela wona amahlamvu ngenxa yamandla omoya .
Ndlelanye futhi ubufakazi bokuzalwa ngokusha ,kubonakala ngoguquko ezimpilweni zethu olulethwa ngubukhona bukaMoya oNgcwele kithi. Hhayi nje umoya wokusonta kumbe wezenkolo ongathi shu kodwa uguquko lokuphenduka okunamandla ngempilo ecace bha ukuthi ayisefani nakuqala ,futhi ebonwa nagabantu bonke .
Ngakho …..uzelwe ngokusha sihlobo sami ?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..