Ungowasiphi Isizwe ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Galatians 2:20 Ngibethelwe kanye noKristu; akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
Selokhu kwathi nhlo uluntu luzihlukanisa ngokwezizwe –ngokwendawo ngezigodi ,ngesiko,ngebala ngepolitiki ,ngisho nangenhlangano yebhola esiyisaphothayo .Noma ngabe sikucwenga ngandlelani kodwa siyathanda ukuba yingxenye yesigodi .
Futhi ubuzwe kumbe lesigodi ozibiza ngabo uye ufuna ukuzivikela kubo kungabikho muntu ofuna ukuzokuphuca okungokwakho ,ozodla ihlabathi lakho .Ngoba phela ekugcineni ngifanelwe ukuba yimi kokungokwami kokuyimi,ubuzwe busho njalo . Ngifanelwe ukuba mdibi munye nobuzwe bami ngithole konke okungifanele .
Ngakho ngingakubuza namhlanje ukuthi buzwe buni oyingxenye yabo ? Umbuzo wesibili lobobulunga bobuzwe bakho bunomthelela onjani ebudlelwaneni bakho noNkulunkulu? Umfundisi nombhali wase Melika u- Dale Partridge ukubeka kanje :
“Wena yiba nguwe ” uSathane ungumbombayi kokukaNkulunkulu, “Yibani ngcwele njengokuba ngingcwele .” angifuni ukuba yimi .Kwabiza ukuba uNkulunkulu angisindise ekubeni yimi.Ngimi noPhawuli owathi …
Galatians 2:20 Ngibethelwe kanye noKristu; akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
U-Partridge iphuzu lakhe lapha ,futhi ngicabanga ukuthi lihle ,uchaza ukuthi baningi emhlabeni abazibiza ngabakaNkulunkulu kodwa izinto zomhlaba ezenza bagcine belahlekelwa wuqobo lwabayikho kuYe .
Ngingowalenhlangano yezepolitiki. Ngikholwa kuloluhlobo lwenkululeko.Ngubulili bami lobu .Yilokhu engiyikho .Ngakube ngamagama ojwayele ukuwezwa lawo? Kodwa uma ukholwa nguJesu yazi lokhu ,weza ukuzokusindisa kulokhu owawuyikhona .
Ngibethelwe kanye noKristu; akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi
Ungavumi ubuzwe bakho bukuphuce lokhu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.