Usuku Olusha Oluvela Ezulwini
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 1:78,79 Ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu, ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”.
Kukho konke ukwehla kwenyuka neziphithiphithi esibhekane nazo kulezinyanga ezedlule ,uhlobo lweziphithiphithi cishe iningi lethu elingakaze lazibona kusuka lazalwa ,uthola ukuthi kulezophithiphithi kanye lendaba kaJesu endala kuvese kube sengathi singathini ngayo ,sizibuze ukuthi engabe isangena kuzo zonke lezikhathi .
Yiqiniso .Kwabaningi ukucabanga indaba kaJesu kunye nezinto eziphathekayo zempilo akukho lula.Kubukeka sengathi ama –reality empilo yiwo athatha amehlo .Ukuxineka kwezingcindezi esibhekana nakho ,inxushunxushu esizibona emhlabeni jikele ,zibukeka zikhungethe futhi zigcwele umqondo wethu ngokunqwabelana.
Esikhathini lakhona umnyama usemboza ….nebala uyazazela kunjani kulesosimo .Sithini ngoJesu? Yikuphi okungenza indaba yokukhuluma ngaYe kungene khaxa ezimweni esibhekene nazo namhlanje ?
Kungekudala kakhulu kunendoda engu Zakhariya [uyise kaJohane umbhabhathizi] wenza lesiphrofetho ,ebikezela ngoJesu :
NgokukaLukha 1:78,79 Ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu, ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”.
Yebo nebala sekube nobumnyama obuningi kulezinyanga ezedlule .Futhi kwabaningi ukwesaba ukufa kube yinto ekhona ephathekayo .Futhi mawubuka akumangalisi yini ukuthi leziphithiphithi zilethe ukungabikho kozinzo emhlabeni wonke ? [Nakuba khona kungamele simangale sanhlobo ] .
Futhi khona kanye kuleyo reality yethu esikuyo ,uNkulunkulu ukhuluma isihawu sakhe ,isihawu sakhe esivela ekujuleni kwenhliziyo yaKhe enkulu .Okuthi ngalokho ,uJesu ufuna ukukhazimulisa usuku olusha ezimpilweni zethu .Khona kanye emnyameni uJesu uyakhanya ngokukhazimula kwakhe njengokukhanya .Phakathi nazo iziphithiphithi uJesu usiholela ekuthuleni kwaKhe .
Ngakho ,ebumnyameni bakho ,ekwesabeni kwakho ,esiphiphithini sakho uJesu uyimpendulo .Yebo igama uJesu !
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..