... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

I-Qualification Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 3:4,5 Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu, kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,

Listen to the radio broadcast of

I-Qualification Yakho


Download audio file

Kunezikhathi lakhona uNkulunkulu esibizela ukwenza izinto ,othi mawuzibuka ngokuthembeka uvese uzibonele asi-qualify ukuzenza. Kodwa okuthi  uma sithatha igxathi lamandla okholo ukukwenza ,kulesisibindi kanye kuvesane kuqahamuke ukugxekwa okukhulu okusho ukusicekela phansi

Angithi sewuke waba kulesosimo ? UNkulunkulu akubizele entweni omanqika ngayo ,kodwa okuthi ungathatha lelogxathi lokholo ,abantu bacabange awusile kahle . 

Ngamhla ngizwa ubizo ngishiye umsebenzi,omunye uzakwethu wayekubiza ‘ngobuphofu obuza ngesinonono nge ministry’,baningi ababesondelene nami abazama ukungibonisa ngingangeni kulobuphofu engifuna ukuzigaxa kubona . 

Yilokho kanye okwenzeka kumphostoli uPhawuli .Wayengesiye walabo ababenoJesu kusuka zihlala amagqozo.Cha wayengekho ,kodwa ukuhlangana kwakhe noJesu kwabe kuhlukile  kunabanye ,nangu simthola esephuma uphumo naye lokushumuyela ivangeli likaJesu .

Ngakho abantu bambiza ngawo wonke amagama ngaphansi komthunzi welanga.Babemcabanga njengomuntu  ozenza umuntu ophambili.kodwa wama waqina .Ngani? 

2 KwabaseKhorinte 3:4,5 Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu, kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,

Ngamanye amazwi isibindi sakhe sasingekho kuye kumbe  ngokokuthi batheni abantu kuye .Isibindi sakhe sabe sisobizweni lukaNkulunkulu ,impilo yakhe namandla kaNkulunkulu  ayegeleza kuye futhi ngaye qede agelezele ezimpilweni zabantu abaningi abaguqulwa yiwo. 

Njengomshumayeli owayesemusha ,ngisakhumbula ngikhathazwa wukubona izihlalo zesonto ezingagcwele ,kodwa ekugcineni ngamangazwa ukuthola izimpilo zabantu zaguqulwa.

Yizwa lokhu sihlobo sami,uma uNkulunkulu ekubiza uphume uyomenzela utho,methembe, ngoba nguNkulunkulu owenza ukwazi ukwenza konke lokhu okwazi ukukwenza . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..