... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izifiso Zenhliziyo Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 20:1-4 UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka ;igama likaNkulunkulu kaJehova malikuvikele.Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele ,akusekele ngamandla aseSiyoni.Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa ,awumukele umnikelo wakho wokushiswa.Makakunike njengokwenhliziyo yakho ,afeze icebo lakho lonke .

Listen to the radio broadcast of

Izifiso Zenhliziyo Yakho


Download audio file

Njengamanje ,khona manje nje ,kungenzeka ubhekene nobunzima ,inselelo ethile ,isivivinyo esithile futhi okudingayo  ngukuba uNkulunkulu akusize ngosuku lwakho lwenhlupheko .Namhlanje nginomkhuleko wokukukhulekela  ukuba enze lokho kanye kuwe. 

INkosi uDavide cishe enkulu kunawo onke ake abusa andukuba kufike uJesu emhlabeni  – yayinezinkinga zayo ezanele zezinhlupheko .Eyamlama esihlalweni [inkosi uSawule ] wazama ukuyibulala .Amabutho azama ukumehlula .Cabanga ngisho indodana yakhe yazama ukumyisa kwagoqanyawo .Indodana yakhe ayizala iiihh! 

Ngakho uDavide wazi kahle mase kuziwa ezinsukwini zokuhlushwa .Yingakho uma ebhala umkhuleko wabahlushwayo namhlanje abanjengami nawe ,simelwe ukuhlala phansi simlalesise .

Amahubo  20:1-4 UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka ;igama likaNkulunkulu kaJehova malikuvikele.Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele ,akusekele ngamandla aseSiyoni.Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa ,awumukele umnikelo wakho wokushiswa.Makakunike njengokwenhliziyo yakho ,afeze icebo lakho lonke .

Yebo nebala ubhalwe ngolimi lwakuqala.Endlini engcwele ,umnikelo ,eSayoni .Kodwa uDavide empeleni akwenzayo la ethululelwe ngumoya  ongcwele ngukusikhulekela ,mina nawe. 

Yilo impela iZwi likaNkulunkulu leli futhi kunamandla eZwini laKhe ,ayibongwe iNkosi! Amandla angempela .Ngakho iZwi leli , amandla lawa  ,akumatise ngosuku lwenhlupheko yakho .Makuthi uMoya oNgcwele akhulume isibindi saKhe kuwe ,ukuvikela kwaKhe ,enhliziyweni yakho . 

UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka ;igama likaNkulunkulu kaJehova malikuvikele.Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele ,akusekele ngamandla aseSiyoni.Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa ,awumukele umnikelo wakho wokushiswa.Makakunike njengokwenhliziyo yakho ,afeze icebo lakho lonke .Hallelujah!

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..