Uthando Luya …
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 13:4,5 Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu
Angikaze ngibe ngumuntu okitazwa ngama idea a-crazy “Kungani usho into ngamagama angu 4 uma ubungawasho ngawu 40?”
Ulimi olunokondisiwe kusenokwenzeka lubahlabe umxhwele abanye ,kodwa asethembeke ,kuyenzeka okuncane kungeneli ngokuphelele ezikhathini eziningi .
Usuku ngalunye uma ngibhala lama devotion ngisebenzisa isikhathi eside emva kokuba esebhaliwe ,ukuwahlela ngononina ,ukuhlela ulimi lube ngolulula oluzwakalayo ,ukungena enhliziyweni kaNkulunkulu ngizwe akushoyo eZwini laKhe .
Ngoba umsebenzi wami akuwona ukukuhlaba umxhwele ngamagama nesisoka esimnandi ,kodwa ngukukucobelela uthando lukaKhrestu olunamandla ,ngokusobala nokucacile .
Yingakho ngisithanda kakhulu lesisibhalo .Amandla akuso ngamagama asobala anothile ,ayamangalisa .
1 KwabaseKhorinte 13:4,5 Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu
Ake sigxile kulamagama angu 4. Uthando luyabekezela, uthando lumnene
Mangase kuthiwe lawomagama amane ubengaphilwa ngokuqhubekayo ngokumile ngabantu bakaNkulunkulu emhlabeni jikelele ,yimi nawe lasikhona ,nakanjani besingaguqula umhlaba ,awukuvumi lokho ?
Ngolunye usuku izinto kimi zaziza macala onke .Ngangiphansi kwengcindezi enkulu futhi ngaqaphela ukuthi ngase ngiqala ukungabi mnandi kubantu abangizungezile .
Ngakho ngathi ukuma kancane ,ngahosha umoya qede ngavumela amandla kaNkulunkulu athululwe enhliziyweni yami ngalawamazwi amane .Ngokuphazima kweso aguqula inkambiso yami nezenzo zami
Uthando luyabekezela, uthando lumnene .Lawo ngamagama amane anamandla kakhulu ukungena enhliziyweni yakho qede aguqule zonke izinto .
Uthando luyabekezela, uthando lumnene Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.