Uyokwazi Kanjani ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 14:22,23 UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?” 23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye
Udinga ukuhlala ukhathazekile ngalabo abahlala bezitshela ukuthi banokukhanya okungcono kunabanye .
Manje okuyinkinga ngukuthi nathi singaMaKhrestu sisho lokho kanye ;ukuthi sinesambulo sikaNkulunkulu uqobo lwakhe .
Ebheke esiphambanweni lakhona owayezofa efela izono zethu ,ezami nezakho ukuze sithethelelwe ,ukuze siphile ingunaphakade lethu sisebukhoneni baKhe ,uJesu washo into engajwayelekile ;into enikana inselelo ,into ebiza ukucaciseleka .Nansi la :
NgokukaJohane 14:18,19UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?”
UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye
Ngamanye mazwi uzoba nesambulo esikhethekile kunabanye .Uzophila ingunaphakade nami ,ngesikhathi abanye bona bengeke ,Yebo lokho kuqinisekisa incazo .Ngakho …
NgokukaJohane 14:22 UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?”
Umbuzo omuhle .Umbuzo omuhle kakhulu .
NgokukaJohane 14:23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye
Simazi eduze kangakanani uJesu ? Simuzwe kanjani ukubonana naye ngokokuqala ephambi kwethu ? Ngokumthanda nokumthobela
.
Kukulowomphefumulo olalelayo azozambula kuwo ;okokuthi uYise kunye naye ,ngoMoya ,uzofika ezohlala qede ahambe nawe .
Ungalokothi ubuke kancane ubumqoka bamandla okumlalela uJesu ebudlelwaneni bakho naye !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.