Yenza Impilo Yakho Ibe nesigqi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 90:12 Sifundise,Nkosi ukubala izinsuku zethu,sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.
Impilo imfushane .Uma sisebancane siye sizitshele ukuthi impilo isazoqhubeka uwaya waya ingami.Kodwa ngesikhathi sikhula ,kulokhu kunkeneza umyalezo ezindlebeni ukuthi impilo imfushane !
Futhi njengomuntu osazilungisa ekubeni ngongakinatelwe ngumsebenzi kweqe ,sekukaningi ngilalela uMawami nonkosikazi bengixoxela into efanayo beyiphindaphinda .Kulezinsuku ,sengiye ngizikhandele isikhathi eside sokuphumula empilweni,ngizidlalele egcekeni ,ngibuye ngiyophumula ndawana thize nonkosikazi ,ukuzipholela sidla ndawonye ekhaya ,sixoxa.
Kodwa futhi uma uzobuka ngale kwalomuntu okinatelwe ngumsebenzi kweqe ,kukhona ogcina esephumula kweqe ,ogcina eseyivila uqobo .Umuntu ongalethi nani ezimpilweni zabanye abantu .Umuntu oluthwe wakholwa yizikhangiso zakwezokusakaza ezishumayela ukuthi impilo “ingami kuphela” .
Ndlelana thizeni kumele kube nokubhalansa kwesikali esiphilile .Okuzivivi okushiwo kulezinsuku ‘ukubhalansa impilo yomsebenzi wakho’ .Lokho akuyona into entsha.Okuyiyo kakhulu yile uMose akhuleka ngayo lusukulumbe :
Amahubo 90:12Sifundise,Nkosi ukubala izinsuku zethu,sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.
Ingxenye enkulu yokuthola lolulwazi ,kubukeka kimina ,ukuthola ibhalansi phakathi kokuthulula impilo yakho uyiphilela abanye abantu ,kodwa futhi khona manjalo ukwazi ukuthola isikhathi sezinto ezisobala ,njengokuphumula .
Hlakanipha .Impilo yakho imfushane .Yenze ibe nesigqi .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..