Abaphrofethi Bamanga ,Onkulunkulu Bamanga
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Dutheronomi 13:1-4 Uma kuvuka phakathi kwakho umphrofethi noma umphuphi wamaphupho,akunike isibonakaliso nesimangaliso,isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe bese senzeka,athi : “Masilandele abanye onkulunkulu kongabaziyo,sibakhonze”.Awuyikulalela amazwi alowomphrofethi noma umphuphi wamaphupho ,ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na? Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu nimesabe ,niyigcine imiyalo yakhe,nilalele izwi lakhe,nimkhonze ninamathele kuYe.
Entshisekelweni yethu ukuphumelela ,okuyinto efakeka kithi sisebancane , Kulula kithina ukuzinikela kwimithelela engamanga qede sihambe nonkulunkulu bamanga . Kulula …kakhulu!
Amanye amabandla okuthiwa ngamakhulu emhlabeni namhlanje asebambeke kulologibe , asebe yilokho ngenxa yemithelela emibi eholela konkulunkulu bamanga. Konke ngenxa yokufuna ukuvelela ,okugcina kufaka umoya wokuphinga kunye nanoma yiyiphi indlela yokuphila ,nempilo nenhlakanipho nomoya wokuceba walesikhathi .Uhla lude kakhulu ,nebala kunabaholi abakhona la ngaphandle aboholela abantu konkulunkulu bamanga – phakathi nangaphandle ebandleni.
Kodwa ake ume kancane ,kungani uNkulunkulu ekuvumela lokho? Kungani engabamisi? Yebo nebala unesizathu ,isizathu esihle .Nasi :
Dutheronomi 13:1-4Uma kuvuka phakathi kwakho umphrofethi noma umphuphi wamaphupho,akunike isibonakaliso nesimangaliso,isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe bese senzeka,athi : “Masilandele abanye onkulunkulu kongabaziyo,sibakhonze”.Awuyikulalela amazwi alowomphrofethi noma umphuphi wamaphupho ,ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na? Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu nimesabe ,niyigcine imiyalo yakhe,nilalele izwi lakhe,nimkhonze ninamathele kuYe.
Kungani akuvumele kwenzeke ? Ukusivivinya. Ukuhlola mina nawe.Ngakube sikulungele yini ukumthanda ngomphefumulo wethu wonke , ukumlandela ,ukumhlonipha ,simthobele, noma ngabe kungasibiza nani lini …sikulungele lokho noma qha?
Ungabalaleli abanemithelela emibi .Ungabakhonzi onkulunkulu bamanga . Khonza uJehova uNkulunkulu wakho ,ungalokothi umshiye .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.