... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hhudlanani Nize Nihambisane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Malakhi 2:16 Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana usho uJehova uNkulunkulu kaIsrael ,”nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho” ,usho uJehova Sebawoti,ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.

Listen to the radio broadcast of

Hhudlanani Nize Nihambisane


Download audio file

Ukwehlukanisa yisihloko engilokhu ngihlale ngihlale ngibuyele kusona ngoba kabuhlungu siklebhula imishado ,izimpilo nemindeni emhlabeni jikelele,ngokunemiphumela enzima kakhulu . 

Uzakwethu uthi useke yena wangena esimweni sesahlukaniso .Sekunesikhathi eside kwenzeka futhi kwabe kungekhona okwakukhethwa nguye .Kunzima kunjalo uthi nokho sekwansonsotha kwagcina kudlula ,namhlanje useshade nonkosikazi abahleli kahle naye ,uNkulunkulu amlethela yena emva kwesikhathi esasinzima sokushiywa nokwaliwa . 

Into eqhuba umkhwenyana noma unkosikazi ukwehlukanisa kuba yilomqondo wokuthi ‘ngishade umuntu owrong’ ; nokuthi abasoze bahambisana bafanelane ukuqhubeka nempilo ndawonye .. 

Kodwa njengokuba enye i- psychologist,u- Philippa Perry, wake wayibeka ngalendlela kwi-article yephephendaba phambilini wathi: Into eyenza ubudlelwane obuhle akukhona ukuthola umuntu o ‘right’. 

Akekho umuntu o “right” kunoma ubani . Kahle hle into eyenza umuntu abe right ngukuzinikela . Ngoba uma uzinikele kumuntu ulokhu uguquka kancane uhambisane naye niguquke nobabili ,njengamatshe amabili alokhu ehhudlana aze agcine esehambisana esekuma kunye . Ngakho ukuthola umuntu o’right’ kwenzeka nikhula ebudlelwaneni hhayi ngesikhathi uqala ukumbona nivumelana ngothando lomshado .

Amagama   enhlakanipho lawa .Futhi ngokokubuka kukaNkulunkulu Yena uthi : 

Malakhi 2:16Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana usho uJehova uNkulunkulu kaIsrael ,”nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho” ,usho uJehova Sebawoti,ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.

Uma umuntu efika esinqumweni ukuthi uwakwakhe akayena o “right” uyaqala lomuntu abuke ngale kwentaba . Futhi uyazazela bahlale bethi amadlelo aluhlaza ngale kwentaba. 

Akekho noyedwa o “right” kunoma ubani . Hhudlanani njengamatshe nize nithi khaxa nihambisane . Bakhwenyana  namakhosikazi asivekele ubunye bakwaMoya .

Bonke ubudlelwane buyehla  benyuke ,,,iyodwa kuphela into ongayenza ngesikhathi bukuleyonjikela ,ngukukhuleka .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.