Akesizame Lokhu Okunye
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Eksodusi 34:6,7 UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, 7 ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”
Uqobo lukaNkulunkulu lokhu ayikho kusengadidwa kalula .Ngoba uNkulunkulu uzembula ngobuqu bobubili enguNkulunkulu wothando ,enguNkulunkulu wezahlulelo ;uNkulunkulu othethelelayo noNkulunkulu wesijeziso ,ukulahlwa ingunaphakade .
Yingakho abantu bedideka ngobuqu baKhe obubili .Futhi abanye bagcina bemgxeka bemjivaza .
Mumva le ngesikhathi uMose ethola izingqwembe zamatshe kwiThestamente Elidala , Abantu bakaNkulunkulu kanye babephansi le emfundeni ,sebegida bekhonza ithole legolide abalishiselile balibaza ngezabo izandla seliyisithixo .
UNkulunkulu wayethukuthele eqhuma efuna ukwehlisa ulaka lwakhe luvuthe okomlilo phezu kwabo .UMose waze wadinwa naYe waphahlaza phansi izingqwembe zamatshe okwakubhalwe kuzo imiyalelo ngokokuqala nokho wancenga uNkulunkulu ukuba angaqedi nya ngabantu baKhe .Ngakho uNkulunkulu wayalela uMose ukuba abuyele ngokwesibili entabeni …wenza izingqwembe zamatshe zesibili .Ekufikeni kwakhe entabeni …
Exodus 34:6,7 7 UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, 7 ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”
UNkulunkulu unguNkulunkulu wobulungiswa .Izono zethu ziyamcasula kakhulu .Kodwa okuthi uma siphenduka sibuyela kuYe ,uhlala njalo esithethelela u-NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso. Kodwa labo abangabuyeli kuye ,abangaphenduki nakhu ayikho kubo … … ongayikuyekela onecala
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.