Ama-kip kip Engqondo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 55:1-3 We nina nonke enomileyo ,wozani emanzini nani eningenamali nithenge nidle ,wozani nithenge ngaphandle kwemali,yebo iwayini nobisi kungabizwa lutho. Niyichitheleni imali kukho okungesizo isinkwa nenzuzo yenu kukho okunganelisiyio na? Ngilaleni nokungilalela ,nidle okuhle,umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.Bekani indlebe nize kimi,nizwe ,uyakuphila umphefumulo wenu.
Kulezinsuku sinezindlela eziningi ukuzigcina si-entertained.Kodwa uthola ukuthi akuyona yonke into eziletha kithi iyi-entertainment enhle kithi.Kahle hle okunye kwakho ,kuwu poison uqobo.Ekuhambeni kwesikhathi kunemiphumela .
Angazi kundlelani kuwe,kodwa kimi imvamisa la ko 4 no 5 ntambama ngivamisa ukuthanda okungamakip kip okuncane ngikuthi hlafu hlafu .Uyawazi lowomuzwa .Lakhona kusengathi i-lunch isinonyaka idlulile kanti nesidlo sakusihlwa naso sise leh kude.Bese uthi qala qala ubheke okukhona efrijini ,nasekhabetheni lokufohlo fohlozelayo.Kukhonani?
Kumuntu onjengami kumele ngiqaphele into engiyidlayo,futhi uyazi uvese ulingwe yilokhu okungamele ukudle ,okungama-kip kip.Ngoba uma ukwenza wazi kahle akuhambisani nezempilo zakho ,ekuqhubekeni kwezinsuku uthola umphumela wakho.
Kufana ncimishi nesikubuka kwi-TV.Uzithole ubhorekile bese uthatha i-remote chofo chofo ,yini edlalayo manje? Ude wehla wenyuka nama-channel uze ufike kulokhu okuthatha amehlo akho.Futhi uma uqhubeka ukwenza lokho usuku nosuku ,kuzoba nemiphumela yakho .Kumele kube nendlela elula .Ikhona.
Isaya 55:1-3 We nina nonke enomileyo ,wozani emanzini nani eningenamali nithenge nidle ,wozani nithenge ngaphandle kwemali,yebo iwayini nobisi kungabizwa lutho. Niyichitheleni imali kukho okungesizo isinkwa nenzuzo yenu kukho okunganelisiyio na? Ngilaleni nokungilalela ,nidle okuhle,umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.Bekani indlebe nize kimi,nizwe ,uyakuphila umphefumulo wenu.
Kumele kube nendlela elula .Ikhona! Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..