Amazulu Azomemezela Alande
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 19:1,2 Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe .Usuku luyalandisa usuku inkulumo ,nobusuku bushamayeza ubusuku ukwazi .
Why did God put this amazing creation under our noses, above our heads, all around? Why has He encased us not only in an amazing world of minute detail, mighty mountains, roaring seas and exquisite stillness, but in trillions upon trillions of stars that stretch countless light years into the
Obunye ubuhlungu obukhulu obuzungeza ezimpilweni kuleminyaka esikuyo ,ngukuthi ngenxa yobuso bethu obugobe qede banamathela bathi neh kufayifayi bama screen ama smartphones ethu wena ongafunga yinkomo ifake phansi ikhanda iphuza amanzi umlibe ingasaqedi ilokhu ithi gimbilinci unomphela ,ngenxa yobuso bethu obuhleli kuma- cellphone screen ,sesimile saphuthelwa ukubona inkazimulo kaNkulunkulu endalweni yaKhe .
Futhi hhayi nje ukuyibona ,kodwa ukuyithinta ,siyihogele ,siyizwe siyehlise igcwale ngaphakathi .Elinye lamaphunga amnandi engilikhonzile ngelenzeka uma ngihamba phakathi nezihlahla kuyisekuseni kade linetha ngayizolo .Kuluhlobo lokuthaphuka kwephunga elimnandi elenza umuzwa o-fresh kamtoti,elikupha ubusha bezinto ,ithemba amagama ngeke akwazi ukuchaza ngokwanele .
Kumbe ukubuka izinkanyezi phezulu ebusuku qede ubone umthala wazo ziyisixhoxho esihle ,pho lapho ke uzibona kamnandi uma ungekho kuma –light nasezintuthwini zedolobha .Kumbe uzibukele nje isiqubuqubu esincane esibuhlaza satshani sizama ukuthola indlela yaso ehlamvini ,side sizigoqa kancane kancane sifinyela siya phambili ,kwesinye isikhathi ubone uvemvane luhamba izigaba zokukhula seluphuma ekuvalelekeni kwigobolondo lesidleke qede luphume ngokuqala lusamnyundu ,lugcine selundiza luphaphaza luthokozele ukubona umhlaba ngokokuqala empilweni yalo .
Yizinto lezi ezinhle zemvelo olahlekelwa yizo uma uhlale ubuso ubuthe shi phansi unamathele kwi screen se phone ubuka uhlu lwama comment angathi shu kwesinye isikhathi , ngisho abantu ongabazi nezinkulumo ezingazile kuwe nezingahlangene nawe ,ulokhu uscroller kuma media feeds ahlukahlukene .Ake ulalele lokhu :
Amahubo 19:1,2 Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe .Usuku luyalandisa usuku inkulumo ,nobusuku bushamayeza ubusuku ukwazi .
Kungani uNkulunkulu yonke lemvelo emangalisayo wayibeka ibe sebusweni bethu,naphezu kwamakhanda ethu ,kuwo wonke amacala ethu ? Kungani engasibekanga emhlabeni onezinto ezimbalwa nje ,kodwa wasibekwa kwizigidigidi zemvelo ngemvelo ,umxhobo wezinkanyezi ongenakubaleka ,futhi awubeke la khona singeke sakwazi nokufika khona ngisho neziningi esingaziboni kwakhona ?
Ukulanda ukumemezela inkazimulo yaKhe ngendlela ekwenza usale ubambe ongenzansi ngukumangala .Ngakho mlaleli wami omuhle ake namhlanje uvese uthi ukucima iphone yakho .Phakamisa amehlo ubuke macala onke uzobona ukuthi …
Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe .Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..