Anginaso Isiqineseko
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 Johane 5:13-15 Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
Izolo sikhuleke umkhuleko ndawonye –umkhuleko wokunikela izimpilo zethu kuJesu –konke esiyikho ,konke esinakho,wonke amathemba nawo onke amaphupho .Kodwa mhlawumbe kungenzeka usunemicabango eminye yesibili esikufikela .
Jesu izolo nginikele impilo yami kuwe kodwa ukukutshela iqiniso,namhlanje anginaso isiqiniseko.ngivuke maphakathi nobusuku ,ngijuluka ngazibuza ukuthi yini ingempela le engiyenzile ?
Angiyena umuntu wezenkolo samdlalo.Ngibe sengicabanga ukuthi uma unguNkulunkulu ,sewuvese uyakwazi lokhu .Lokho kunzima eyyi ! Futhi Nkulunkulu uyazi ukuthi kwenzakalani.Ekujuleni kwenhliziyo yami ngikufuna kakhulu ,kodwa emicabangweni yami ngizizwa sengathi ,uyabona njengomuntu mayevuka azizwe esanobuthongo ewela kuyo ingubo? Yileyo ndlela kanye engizizwa ngiyiyo ekhanda lami.
Ngikunikile konke .Yonke impilo yami.Futhi angazi ukuthi lokho kuzochazani .Ngakho,Nkulunkulu ngicela nje ukukubuza namhlanje ,ukwenza into ezongenza ngikholwe.Ngizwa lababantu bekhuluma ngokholo –i-faith kodwa kwezinye izinsuku kimi akukho lula .Ngakho Nkulunkulu ngicela ungisize ukukholwa .Egameni likaJesu .Amen.
Sonke siyaba nakho ukungabaza izikhathi ngezikhathi ….kodwa nanti iqiniso.
1 Johane 5:13-15 Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..