... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inani Lothando

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Johane 3:16 Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.

Listen to the radio broadcast of

Inani Lothando


Download audio file

Ukuthanda abanye abantu kungaba yinto enzima .Hle hle ,nginesiqiniseko bakhona abantu abanzima ezimpilweni zethu ,uNkulunkulu asibizela ukubathanda .Futhi lokho kuyabiza…kubiza impela …futhi kuza ngobuhlungu ….nokho yiyona ndlela kanye leyo okumele kube yiyo.

Jesu ngesikhathi ngiqhubeka ukukwazi ,empeleni sengiqalile ukukubona ukuthi konke ongakho kungothando kuphela.Bengikade ngifunda ukuthi wamphilisa kanjani ofe uhlangothi nokuthi wama kanjani uqinisa loyo owayexekelwa yisimilo kwabesilisa  qede ngabe sengicabanga ukuthi -woow –wuthando lolo..

Kodwa ukuthanda abanye abantu ,kunzima kimina .Angilutholi lula uthando,futhi uyazi ukuthini ,ngicabanga ukuthi yingoba uthando luyabiza ,akukhona lokhu engangicabanga ukuthi uthando kumelwe lube yikho.

Futhi okuthe emva kwalokho ngabe sengifunda ukuthi bakubethela kanjani ,ngabe sengikhala.Ngehlulekile ukuzibamba.Ngivese ngahlala phansi laphaya zehla izinyembezi.Ngokuqala ngqqa kwangithinta ukuthi ungithanda kangakanani nokuthi kwakubiza nani lini.

Futhi ndlelana thizeni ekujuleni kwenhliziyo yami ngifuna ukufana nawe .Ngifuna ukufunda ukuthanda abantu ngendlela nawe ongithanda ngayo .Futhi ngiyazi kuzobiza kakhulu lokho ,Yikho kanye okungisabisa kakhulu.

Kodwa-ngifuna ukuthanda njengawe ngqo.Ngicela ungisize ,egameni likaJesu .Amen.

1 Johane 3:16 Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.

Kuliqiniso elingephikwe ,ukuthanda abanye abantu kuwumsebenzi onzima kwezinye izinsuku –futhi nebala ukuthanda abanye abantu kuzosibiza inani elithile .Elikhulu.Kodwa kuNkulunkulu ,ekusithandeni kwaKhe …yebo,kwabiza konke uJesu ayikho ,ngisho impilo yakhe imbala.

Kodwa yilokho okuchaza ukulandela uJesu –ukuthanda abanye njengokuba esithanda naYe . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge