... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

INkabi endala nejoka Elisha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 19:26 Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

Listen to the radio broadcast of

INkabi endala nejoka Elisha


Download audio file

Uguquko luyinto evelayo .Ayikho into ebukeka ihleli ifana ,ngoba uNkulunkulu uhlale njalo efuna ukwenza into entsha.Kodwa okuthi khona kunjalo ,ngisho luluhle uguquko ,luvese luzwakale lunzima lufakana ingcindezi .Manje Mlaleli wena ubhekana kanjani noguquko.

Baye bethi ,ayikho into enzima njengokufundisa inkabi ijoka  ingalazi.

Eminyakeni edlule uthi uzakwethu wayenekati elibizwa ngokuthi u-Doggy .Okwathi uma sebeyokwakha endaweni entsha ,ngakho naye u-Doggy bahamba naye bafike bamakhela emva kwendlu ,bamfakela nalesosicabha esincane esihle samakati.Ngakho indlela esasakhiwe ngayo okwakhe kwakuwukuthi asidudule kuphela uma engena noma ephuma.Manje lendlu yakhe encane wayeyithanda kakhulu .Yayomile futhi ifudumele ,kodwa ukufunda ukusebenzisa isicabha sezindlu zamakati lokho kwenza kwanzima bandla kulomangobe.

Ngiye ngizibuze kwesinye isikhathi ukuthi asinjalo yini nathi .UNkulunkulu uyaqhamuka qede bese aguqule izinto .Wenza izinto ezintsha ,into enhle,kodwa into ebesingayilindele ,ngakho iyasikhipha ebuntofontofweni ebese sinethezeke ekubujwayeleni.

Bese sivese sihlale lapho sibuke ,njengalelikati  qede simangale sithi : “ekaze manje lento izokwenzeka kanjani?” ,mina sengike ngaba kulesosimo engikholwa ngukuthi nakanjani nawe uke wabhekana naso .

NgokukaMathewu 19:26 Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

Manje uJesu wakusho lokhu ndlelana thize ngokuhlukile ,kodwa ngumgomo wezokomoya lo oqukethe ubuqiniso macala onke .

Esikhathini lakhona uNkulunkulu enza into entsha ezimpilweni zethu,esikudingayo kunye kuphela ngukududula singene kukho [kunokuqhubeka sibambelela kokudala].Futhi oqhubeka ugcina usukuthola ngukuthi uNkulunkulu unamandla okwenza lezingxenyana ezincane esingakwazi ukuzenza.

Kahle hle …uNkulunkulu angenza noma yini ! Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge