Asihambe Siyodaba
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 4:21,22 Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise,belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
Manje uyakholwa nguJesu ,wenzani ngalokho? Qhaza lini ukholo lwakho olunalo kulomhlaba ? Bangaki abantu abadonsiwe esihogweni ,ngoba ngenxa yakho bahlangana noJesu ?
Lemibuzo ingenzima nebukeka ihambela ngangxanye ,engemnandi ,akunjalo?
Yaah kodwa ….kodwa mina angiyena umvangeli —–akuwona umsebenzi wami lowo.Yingakho sinikelela umfundisi ebandleni lethu .
Leyo ingenye yezindlela ukukubuka ,nansi enye ehlukile :
NgokukaMathewu 4:21,22Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani
ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise,belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
Manje ake ukucabange ukuthi ngisho ngaphambi kukaJesu ,konke okwabe kuzoqhubeka kwenziwa nguJakobe noZebedewu kwabe kungukulungisa amanetha okudoba .Babewanakekela bewa cleaner bewagoqe qede bawalule.Kodwa mangase kuthiwe babegcina lapho bengaphumi ukuya olwandle lwaseGalile ,uma ucabanga babezophumelela kanjani kwezokudoba ?
Nangu uJesu esebathembisa ukubenza ‘abadobi babantu’ nebala babe sebemlandela . Hallelujah! Zinyathelo ezinamandla abazithatha oJohane noJakobe .Kodwa ake ukucabange ukuthi bebezophumelela kanjani ekudobeni abantu uma ngase kuthiwe emva kokuba uJesu esenyukile ,bazihlalela phansi amaqoqo bazixoxela ngobuhle bezinto ezenziwe nguJesu ,nazo zonke azishilo ?
Ngabe likuphi iBandla namhlanje ,kwakhona ngabe likhona ? uma kuthiwa abaphumanga bayodoba – okuyinto eyagcina ibabiza impilo yabo yonke ?
Manje nanku umbuzo ,ngakube uphumile wayodoba noma umatasa uzilungisela amanetha kuphela ?
Asiphume la kuntofontofo khona .Asihambe siyodoba
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..