Ayidunyiswe INkosi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 149:4-6 Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu baKhe ;abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso! Abalungileyo mabethabe ngobukhosi! Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo.
Kunezikhathi lakhona sizizwa ukumdumisa uNkulunkulu ,asethembeke futhi zikhona izikhathi lakhona siphansi kungasifikeli kwakhona . Kodwa futhi kukhona nezikhathi lakhona sinezizathu zonke ezisho bekufanele simdumise kodwa sivele sizithulele singamdumisi.
Kunesikhathi emlandwini kaIsrel lakhona uNkulunkulu wayenike isizwe saKhe ukunqoba izitha . Manje kulezonsuku ukusabela izimpi nokuhlasela kwazo ngonya kwakuyinto ekhona nehlasimulisayo – njengokuba kusenjalo nanamhlanje ,ngeshwa kwezinye izindawo.
Ngakho ukunqoba okukhulu kwakuletha ijadu lokugida kubungazwa ukunqoba . Futhi indlela eyabe ingeyinhle kakhulu ,kukhomba kwabe kungukudumisa iNkosi .
Amahubo 149:4-6 Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu baKhe ;abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso! Abalungileyo mabethabe ngobukhosi! Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo.
Kubukeka kululimi oludephe kweqa .Kunokuqinisa sakuhabaza kwamazwi ongeke ungakuboni kulelihubo.
Manje ,akungixoxele kunini lakhona wagcina ukuphiwa ukunqoba nguNkulunkulu ? Mhlawumbe kwakungokwenhliziyo,ukuphulukiswa kumbe ukuphumelela ezimalini emva kogwadulwe kade kome nkwe ephaketheni . Lakhona wawuzizwa ucindezelwe ngekusasa lakho ,kodwa wafika wakukhulula .
Ngicela ukukubuza ngakube wagubha ngentokozo ? Ngakuba waqhuma wahluleka nokuzibamba usembhedeni wezwakwala usuqhuma kwi roof ugcwele ukumdumisa ngakwenzele khona ? Ngakube wamemeza ngezindumiso zaKhe ? Uma ungakwenzaka lokho ,ungangitshela kwaba ngani ,ngaliphi ?
Akuthi uma kunento enhle uNkulunkulu akwenzele yona empilweni yakho ,izindumiso zaKhe mazigcwale enhliziyweni yakho ziqhume ngezindebe zomlomo wakho . Mnikeze lonke udumo nokubongwa ngakwenzile ngoba zimfanele izibongo . Ngoba ngokuzayo ngamhla usengxakini kuyokusiza ukukhumbula ukukhululwa akwenzela khona phambilini .Mdumise!
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..