Good Luck or Karma?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Daniyeli 4:34,35 Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukhadinezari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini nomqondo wami wabuyela kimi,ngambonga oPhezukonke ,ngamdumisa ngamtusa Yena ohlezi phakade .Ngokuba ukubusa kwaKhe kungubusa okuphakade ,nombuso waKhe ungowezizukulwane ngezizukulwane ,bonke abakhe emhlabeni bashawa ize ;uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni ;akakho ongavimbela isandla sakhe ,noma athi kuye : “wenzani na?”
Unina kazakwethu uthi wayehlala njalo efunda izinkanyezi uma ethenga iphepha .Kwakuyinto ababehlala bexoxa ngayo mase bethwithwa inkomishi yetiye eseyingane .Yebo kubukeka kungekho ngozi kulokho
Manje likuphi icala ukufundana nezinkanyezi ? Yebo kuyisinengiso kuNkulunkulu ,ngoba zibandakanya ukusifaka ekubekeni ithemba lethu kokunye kungesiye uNkulunkulu .
Okuncimishi njenge- Karma, inhanhla , yoga … nokunye okuningi okwakheke ngezinkolelo zokukholelwa kukho esikhundleni sikaNkulunkulu uqobo ..
U-Nebukhadinezari wayeyinkosi yase- Babhiloni . Wayezingunge ngezinyanga ,osomlingo ,izangoma njll.Waze wakha ngisho isichuse segolide esikhulu sakhe luqobo futhi waphoqa ukuthi bonke abantu mabaguqe kuso basikhonze .Kodwa emva kwesiga esinamandla sokuhlangana noNkulunkulu ophilayo ngoDaniyeli nabangani bakhe ,ufika kulesisiphetho :
Daniyeli 4:34,35 Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukhadinezari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini nomqondo wami wabuyela kimi,ngambonga oPhezukonke ,ngamdumisa ngamtusa Yena ohlezi phakade .Ngokuba ukubusa kwaKhe kungubusa okuphakade ,nombuso waKhe ungowezizukulwane ngezizukulwane ,bonke abakhe emhlabeni bashawa ize ;uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni ;akakho ongavimbela isandla sakhe ,noma athi kuye : “wenzani na?”
Kumbe njengomfundisi weBhayibheli u- Dr Stephen Lawson obeka kanje : INkosi iyabusa ,hhayi uSathane ,hhayi abantu , hhayi uNkulunkulu nabantu , hhayi “inhlanhla”, hhayi “ibhadi”, hhayi ukuziqondanela kwezinto , hhayi izinto ezivamise ukwenzeka , hhayi ukuqondana kwezinkanyezi ,hhayi othuka kuqondana,hhayi igazi elihle noma elibi ;kodwa uNkulunkulu yebo uNkulunkulu yedwa phaqa !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.