... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indawo Yomusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 4:16 Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Listen to the radio broadcast of

Indawo Yomusa


Download audio file

Uyazikhumbula ngezikhathi useyi teenager ukuthi lezokhathi zokuthomba zazinzima kanjani? Usuthe qinqo kulentatshana yokuphuma ebunganeni ,usungumuntu omdala ,nakuba  ungakabi mdala ngokwanele .Yisigaba sokuphila esigcwele ukudideka lesi .

Ayikho into ebuhlungu njengokuphila nabantu bengakuqondi;wena izinto uzibona ngendlela yakho bengakwazi ukungena kuwe ngaphakathi babone ngeso lakho,bezwe ngokwemizwa yakho ….nebala usuke udunguza wedwa  engekho oqondayo kwenzakalani kuwe .Ngisho bewungangungwa yinqwaba yabantu kodwa nakhona  lapho uzizwa uwedwa .

Futhi yiyona ndlela lelyo okuba yiyo kwabanye ,lakhona mina nawe sihluleka ukubaqonda izimo abakuzo;uma sigxumela ukubahlulela,andukuba sizame ngamandla ethu onke ukuhamba nabo imayela ngezicathulo zabo ukuze siqonde kwenzekani kwingaphakathi labo ,ekhanda labo,enhliziyweni yabo .

Izolo sikhulume ngokuthi nakuba uNkulunkulu azi konke ngezikhathi zonke , wakhetha ukuba ngumuntu ,uJesu, ukuba alingwe ndlela zonke ncimishi njengathi ;ukuze ahambe imayela ngezicathulo zethu . 

KuMaHebheru  4:16 Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Ngakho (ngoba uhambe imayela ngezicathulo zethu ) singasondela esihlalweni sakhe hhayi sokwahlulela kodwa somusa ,hhayi ngovalo kodwa ngesibindi,ukufuma umusa ,ukuthola ukusiza ngesikhathi esifaneleyo esidinge ngaso .Ayibongwe INkosi !  

Kodwa manje ake ubuke ngamehlo engqondo ,sibuke lesithombe  –mangase kuthiwe abantu ezimpilweni zethu bengenza okufanayo kuwe nami.Bekungathiwani ekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuthi ngokuza kithi ,bazongena ekhaya elingenakwehlulela ,kodwa lomusa ,lesihe ,losizo? 

#Qaphela la : Yiba yindawo yomusa lakhona abanye abantu bangeza kuwe ngesibindi.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.