Isihlalo Somusa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 3:23 Ngokuba bonke bonile basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu.
Ngakube sewake wazithola udonsa izinyawo emkhulekweni,ude uzitshela ukuthi ,angimuhle ngokwanele ? Mhlawumbe kukhona okukulomcabango, ngathi sonke njengoba kuyinto efikelanayo.
Uma sekuziwa kulengxenye ngokokukhuleka ,abantu abaningi bahosha izinyawo..Kungani,nokho uyazi….
Inkinga nje wukuthi angimuhle ngokwanele.Usbanibani yena ungcono kunami.Kodwa hhayi mina.Mina phela awungazi.Izinto engike ngizisho ngiphinde ngizenze…..hhayi ngeke ngilokothe ngivese ngikuqonde ukuyoma phambi kukaNkulunkulu bese ngiyathandaza kuYe.Akasoze angilalele.
Futhi mhlawumbe uma kunalesibhenabhena esilokhu sikucefezela ngalamagama,ngakho ngicela ukusho lokhu: ngolunye uhlangothi kungenzeka uqinisile ngamalengiso ,kodwa kolunye usephutheni ngamalengiso futhi.Ngoba kwesinye isandla ,uNkulunkulu ungophelele noNgcwele ,futhi sonke siyashoda ngalawomava akhe.
KwabaseRoma 3:23 Ngokuba bonke bonile basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu.
Ngesizathu esicacile wathumela uJesu ukuzosifela,azokhokhela konke lokhu kokungabi ngabanelungelo ,abaphelele ,ukuze sibe nokungena kuYe mahhala.
KumaHebheru 4:14,16 Ngakho-ke lokhu sinoMphristi omkhulu odabulile amazulu,uJesu iNdodana kaNkulunkulu ,masibambelele kuso isivumo sethu,Ngakho masisondele ngesibindi esiHlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
Uma ukholwa nguJesu ,awudingi sanhlobo ukulokotha udonse izinyawo ukukhuleka.Kahle hle sithola okwehlukile la .Yiza ngesibindi phambi kwesihlalo somusa futhi uyothola izibele ,umusa nosizo esikhathini sokudinga kwakho.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..