... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Omkhuleko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 15:7 Uma nihlala kimi namazwi ami ehlala kini,niyakucela enikuthandayo nikwenzelwe.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Omkhuleko


Download audio file

Enye yezinkinga ezinkulu esibhekana nayo emthandazweni yilena: yikuphi okumele ukucele kuNkulunkulu? Noma yini kumbe kukhona ongeke wakufaka kuwo? Kanti,ingempela mawuthandaza yikuphi ongakucela kuNkulunkulu?

Izinto eziningi uJesu azisho zathusa abaningi  futhi abanye bazizwa zibakhubekisa.Ekugcineni yilokho okwaholela ekubethelweni kwaKhe.

Futhi okunye kwalokho okwabe kwehluke ngokudlulele ,kahle hle kubaholi bezenkolo besikhathi akusho :

NgokukaJohane 15:7 Uma nihlala kimi namazwi ami ehlala kini,niyakucela enikuthandayo nikwenzelwe.

Lokho okwavulela uza luzile ! Cela noma yini oyifisayo,futhi uyokwenzelwa khona?

Noma yini?! Wayengasenza kanjani ingempela isethembiso esinjalo? Kodwa kusobala ngoba kumele uqale ufunde uhlobo lomuntu onelungelo lokuthandaza ngalendlela, yilo athe ngaye :  Uma nihlala kimi namazwi ami ehlala kini

Leligama elithi “ nihlala” liyigama eliqinile ngokujulile .Lichaza ukuqhubeka ube khona ,uhlale ungasuki,uphikelele,ume uqinile,ungalokothi uhambe.Ngakho uma sifunda lesisethembiso esidephile ,esinikana amandla konalelilungelo elizinhlambili –sikuKhrestu  neZwi  laKhe likithi –kulapho kanye esikwazi ukubona kucace ukuthi kunini lakhona uhlobo lwesithembiso olunjena lungenziwa.

Ngoba uma uJesu eba yiNkosi yempilo yakho  [futhi yilokho kanye ngqo ukufezeka kwalamaxhama okuxhumana kwizinhlazombili,ukuhlala okungenakunqanyulwa] kulapho kanye lakhona ukulangazelela kwenhliziyo yakho kuyaguqulwa ngokuphelele. Usuke usukwazi ukuhlukanisa kahle ukuthi yikuphi okumele ukucele,ngezindebe zakho nangenhliziyo yakho bese uyakwazi ukulisho ligcwale ukuthi  uKhrestu uyiNkosi yami…ngoba intando yakho sewuyigobisele kuYe.

Uhleli kuYe? Ngakube ngeqiniso lempela iZwi laKhe lihleli kuwe ? Uma kunjalo cela noma yikuphi okufisayo ,kuyoba sekwenziwa kuwe ngokwentando yaKhe.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge