Isipho Sempilo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 6:23 Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
Kuyamangaza ukuthi igama elithi: “umusa kaNkulunkulu” liyazigingqikela olimini.Uzwa AmaKhrestu zikhathi zonke elisho .Kodwa kukangaki ngiye ngimangale ,sike sime kesicabange ukuthi ingempela lokho kuchaza ukuthini .Umusa kaNkulunkulu.
Ngake ngazitshela ukuthi ukunikela ngezitho zomzimba kwabagula kakhulu abazidingayo ,njengezinso,ukuthi kuyinto okulula sonke esingayenza.
Cabanga uma kuthiwa kusasa,ngiyafa ngengozi yemoto,kungani omunye engeke abe nesipho sempilo ngezinso zami kumbe inhliziyo.Ngoba vele ngizobe ngingasakudingi.Kimi ukunikela ngezitho zomzimba kuyinto esobala enganacala ukuyenza. Kodwa abantu mina engibahlonipha kakhulu ,yilabo abanikela besaphila ngezinso zabo kubahlobo kumbe abangani babo.Phela angithi kulula ukunikela ngezinso zakho uma ungasazidingi usuzishonele,kodwa uma nawe usaphila ,kungumnikelo omkhulu kabi ukukwenza lokho.
Ake sigxile ngalendaba manje,ngokudephile impela.Ake ucabange ukuthi akumele unikele ngenso yakho kuphela kulowomuntu kodwa kumele unikele ngempilo yakho yonke.Lokho ke sekungolunye udaba olujulile ,yingakho sihlobo sami uma ngibuka lokho uJesu angenzela khona esiphambanweni ,ngiyehluleka ukukumumatha ngengqondo yami, “ngiyathandwa ngingubani ,O Bayede Nkosi yami!” INdodana kaNkulunkulu ibethelwa esiphambanweni,ilenga ngosizi olubuhlungu kuso,ifa ukufa kosizi ukuze nje ikhokhele wonke amaphutha obuwula bami…nebala awekho amagama abengachaza ngokwanele ngokomuzwa engiwuzwayo. Isipho sokuphila? Ukuphila okuNgunaphakade.
KwabaseRoma 6:23 Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. Yiwona musa kaNkulunkulu kuJesu Khrestu lowo.Ungalokothi wenze iphutha ulibale ,kwambiza konke ayikho.Konke ukuze athengele -mina nawe -ukuphila okungunaphakade. Y
ilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..