Isono Siyabulala
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 6:15,16 Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?
Ukufa yinto olokhu uyicabanga njalo ngesikhathi ukhula.Ngesikhathi kufika ukukhula kuvese kuzenzele ukuthi duku duku umqondo wokuhamba emhlabeni usuyakuvakashela ,lokhu okwenzeka mawala ebudaleni kunasebusheni .
Manje kunomcabango onamandla ,ngempela ? Yebo ,ake ucabange ukuthi kuhle kanjani ukukucobelela wona namhlanje .Nokho angisho ukuthi ungomuntu okholelwa kuJesu ,ukufa kuye kuphelelwe ngamandla akho .KuKhrestu kuvese kube yibriji elikuwelisela ekuphileni okungunaphakade .
Manje pho kungani ukuthi abantu bakaNkulunkulu , ‘AmaKhrestu’ njengokuba ezibiza kanjalo ,abukeka enjengabantu abaphilayo kodwa asebefile ? Ngakwelinye icala ekholwa nguJesu ,ngakwelinye eshodelwa ngukubona ukukhanya okunamandla emehlweni ,eshodelwa yinhloso nomdlandla ,wena ongafunga ukuthi uqobo lwengunaphakade lwabo besebukhoneni noKhrestu kube sengathi kuyinto elulana engatheni nje leyo.
Impendulo ithi isono sawo….siyawabulala
KwabaseRoma 6:15,16 Kunjani, pho,na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?
Noma ngabe yiyiphi indlela othanda ukuyibuka ngayo lendaba ,kumbe uthande ukukucabanga ngokokungathi hhayi nje indlela wena le oyiyo odaleke ngayo ,isono asikaze ,yebo asikaze silokothe ukuba yinto encane .U- John Owen encwadini yakhe ayibhale ngama 1700 engokukhathaza amandla esono uthi : Yiba semsebenzini wokubulala isono ,kungenjalo sizobulala wena . Lalela sihlobo esithandekayo …
Ungalendela isono noma ulalele uthobele uNkulunkulu . Ukulandela isono kuletha ukufa kwengunaphakade kanti ukulandela uNkulunkulu kukwenza ume kahle naYe .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..