... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

ULwesithathu Lokuzenza Kangcono

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 6:3,4 Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise,kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.

Umnqondo wokuthi mina nawe singakwazi ukuziguqulela thina izimpilo zethu ,ukuthi singakwazi ukuzidonsa siziphakamise  ,kungumqondo ohehanayo lowo .Inkinga ngukuthi awulona iqiniso . 

Komunye umsakazo njalo ngoLwesithathu kunohlelo lwantambama  ‘afternoon drive’ kulo olunesigaba esithi : “ ULwesithathu Lokuzenza Kangcono Wena Ngokwakho”  .Futhi angikusho,ukuthi unamaphuzu amahle namangalisayo umsakazi walo awashoyo .Kodwa umqondo wokuzenza wena ngcono ucishe ufane nokuhubha utalagu ogwaduleni  .Ngalesikhathi nje usuthi hhayi ke sengifikile ke manje kodwa luvese utalagu  luqhubeke lube phambili futhi. 

Ake ukucabange lokhu .Mangase mina nawe sikwazi ukuphusha  ngamandla  siye phezulu ,ngeke sisamdinga uJesu .UMsebenzi kaJesu esiphambanweni usungaba sezeni . 

U-John Owen  kuleyoncwadi yakhe yama 1700 uthi Akukho ukufa kwesono ngaphandle kokufa kukaKhrestu . Lokho okugcina kubukeka eqinisile impela :

KwabaseRoma  6:3,4Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? 

Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise,kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.

Uma sewucwilisiwe – futhi okuyiyona ngxenye yengcazo yegama elisho umbhabhathiso  -emandleni okufa kukaKhrestu ,lokho akwenzela khona kulesosiphambano ,nakanjani akukho okunye okwenzeka kuwe kodwa ngukuguqulwa  – okungenye yengxenye yengcazo yaleligama lombhabhathiso  – uguqulwe ngokwamandla aKhe akukhulule esonweni . 

Akungakho ukuzenza wena ngcono .Futhi akukaze kube ngalokho .Kodwa kungensindiso ekuKhrestu . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..