Ithikithi Lokukwazi Ukudlula
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 14:6 UJesu wathi kuye : “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”
Kulezinsuku asisakuthokozeli ukukhuluma kuqondwe nje ,into ibekwe injengoba injalo .Sesize sithi ukuyilalisa kancane inkulumo ukuze ingabi yiqiniso loqobo lwalokhu eyikho.Kuze kube nanomqondo wokuthi yisidala leso ukubeka into injengoba injalo.
Kodwa sewake wazama ukugibela ibhanoyi ungenalo ithikithi kumbe ukuwela umngcele ungena passport? Akudingi uzube yingcweti yezibalo ukubona ukuthi lokho ngeke kukusebenzele. Ngakho yini le ingempela esithi singayikhuluma noNkulunkulu ngaphandle kukaJesu ?
Mhlawumbe unomcabango othi ngiyakwehla? Yebo abaningi bathi zonke izindlela ziya ekhaya,ngakho akusho lutho ukuthi yikuphi okholelwa kukho.Mangabe nje uphila impilo enhle ,nakanjani uya eZulwini. Kodwa awungeni ebhanoyini ungenalo ithikithi lebhanoyi elikuvumela ungene kulo .Futhi awuweqi umngcele ngaphandle kwe passport.
UJesu uyibeka kanje: NgokukaJohane 14:6 UJesu wathi kuye : “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.” Noma uyathanda ukukuzwa lokhu noma cha ,ake ngikwenze kucace.Awusoze wangena emasangweni eZulu uma kungukuthi awukakholwa nguJesu INdodana kaNkulunkulu ,ukholwe wukuthi wafela izono zakho ukuze uthethelelwe nokuthi wavuka ukuze ube nokuphila okusha ,ukuphila okungunaPhakade ebuKhoneni baKhe …..uma lezi zinto zingenzekile empilweni yakho wahlala kuzo ngenhliziyo yakho yonke ,soze wangena eZulwini,iqiniso linjalo nje.
Kodwa izindaba ezinhle ,yilezi zokuthi mawukholwa yikho konke lokhu ,uthethelelwe ngokuphelele,usunempilo entsha ceke ,usungaba nokungathandabuzi ukuthi ngamhla umphefumulo wakho uphuma ,uyoba sengunaphakadeni unoNkulunkulu.Yebo ingunaphakade naphakade ,Amen!
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..