... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izethembiso Zakhe Ziliqiniso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 18:30 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

Listen to the radio broadcast of

Izethembiso Zakhe Ziliqiniso


Download audio file

Umbuzo uthi ngakube uNkulunkulu engathenjwa ? Phela ekugcineni kwakho konke wenza inqwaba yezethembiso eZwini laKhe .Ezinye zazo zibukeka zididana uma ubuka ngeso lobunhlembethwane bempilo .Zingenzeka ,ngakube engathenjwa naye na?  

Empilweni kungaba mbili kune -theory ne practice . Ungayifunda itheory  uze uqhume izimvu ekhanda kodwa ayikusizi uma ungayenzi .

UBerni uthi nkathi eselisosha babeye bahambe beyoshaya ama  exercise bezilolonga benze sengathi babhekene nesitha .Konke kwakukuhle ngaphandle kokuthi babesuke bephethe izibhamu ngalesosikhathi ezingenanhlamvu .

Uthi wayeye acabange ukuthi ekaze oqobweni lokwenzeka kwezinto lokho kwakuyibo yinto enjani ,ukuzizwa zithi nswi nswi zidlula izinhlamvu zesitha ?  Kwakuyoba njani ukuba ebona uzakwabo zimnetha zikhala enyameni phambi kwakhe ? Ngakube leyo theory yayizosebenza sekunesimo esingeyona theory esesingukwenzeka koqobo .Ndlelanye nezethembiso zikaNkulunkulu aziphatheki kuze kube sekusempini yangempela . 

Ihubo 18 labhalwa yinkosi uDavide elibhekisa kuNkulunkulu ngosuku amkhulula ngalo kuzo zonke izitha zakhe , ngisho noSawuli owayesho ukumchobozela engakahlali esihlaweni:

Amahubo  18:30 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

Lawa ngamagama ashiwo ngumuntu oyibonile lento .Ngamagama lawo omuntu ozimpi zakhe zavivinya izethembiso zikaNkulunkulu ,ezimweni zokuphila nokufa .Yebo nembala uNkulunkulu uyasiholela ezimweni eziyingozi .Kodwa okusalayo … Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy