Kungani Siingalaleli Kangaka?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 11:32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
Usuke uzibuze ukuthi kungani singalaleli ,siqinise amakhanda kubaholi abasiholayo emhlabeni ,hhayi kubo kuphela ngisho nakuNkulunkulu? Kuqhamukaphi ? Kungani kwenzeka ?
Kuqala kude kabi ,akunjalo ?Sisakhasa siqala ukufunda leligama elithi “angifuni ”! Futhi uma usucabanga ngakho ,okuningi ukukhula okungakho , ngukufunda ukungqubuzana nabasemagunyeni kuze kube ngukuthi esigabeni thizeni , siyakhula sibe ngabakwazi ukuthola i-balance enhle ekuthobeleni igunya nokuhluza kahle , phakathi kokwenza into e-right nalokho esikufunayo .
Inkinga ngukuthi asivamisi ukufika kuleyo-balance enhle enempilo .Kahle hle abaningi abafiki kwakufika kuyona . Futhi lokhu kuyinkinga umhlaba wonke la kunoluntu khona .Kuyinkinga abanye abaze baguge bagobe bengayinqobile . Umzabalazo abaningi obehlulayo ukuwuwina .Kodwa namhlanje angikutshele ukuthi ngumzabalazo uNkulunkulu ofuna uwuwine .
KwabaseRoma 11:32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
Njengoba ngishilo ukuthi isemhlabeni wonke ,bonke abantu banqabile basanqaba ukumlalela uNkulunkulu .Kungani .Yaah ,yingoba nakhu la khona esinika lombuzo othi “kungani?” UNkulunkulu uvumile ukuthi sonke singamlaleli ukuze asikhombise umusa wakhe . Ukuze kungabikho noyedwa kithina ongaziqhosha ngokuthi muhle kanjani ekumlaleleni uNkulunkulu .
Lomzabalazo ukhona ngokoqobo .Izindaba ezinhle ngukuthi awuwedwa . Kungumzabalazo sonke esibhekana nawo .Ngumzabalazo awuvumele ezimpilweni zethu ukuze asikhombise umusa waKhe .
Ngakho ngokuzayo mawehluleka ukumlalela ,vuka uzithathe ,thuntutha uthuli qede uqonde phambili ubheke kuYe ,uthembe umusa waKhe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..