Kuqala Unyaka Omusha
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 27:1 Ungazigabisi ngolwakusasa ,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.
Ekazi kuzoba ngunyaka onjani lo kimi nawe? Ikusasa lisiphatheleni? Ngakube kuzoba ngunyaka omnandi kakhulu ,kumbe nje ?
Yikuphi okubheke ngabomvu ngawo ? Noma kunjalo happy New Year kuwe sihlobo sami! Yebo okungenani ngethembile ukuthi kuzoba ngunyaka othokozelekayo…nokho singengazi konke.Angiqondile ukukwehlisa isasasa lokuwujabulela ukuwugubha kodwa yiqiniso lelo.
Nami nginjengawe nginezifiso namaphupho ngalonyaka omusha.Kahle hle ivese idiary yami isigcwele yizinhlelo ze ministry ,nokwehla ngenyuka izindawo ngezindawo…ngingasayiphathi eyokuya eholidini nonkosikazi wami leyo ngiyijahe kakhulu .
Ngicabanga nawe unezinhlelo eziningi ngalonyaka.Futhi lokho kuyinto enhle.Kuhle ukuba nezinto ozilangazeleleyo ukufika kuzo. Kodwa ngithanda ukubuyela kuleloqiniso lokuthi singekwazi konke okuzokwenzeka .Akumina nje osho lokho kuwena .
Izaga 27:1 Ungazigabisi ngolwakusasa ,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku. Ngakube ku wrong yini ukuba nezinhlelo zonyaka omusha? Lutho sanhlobo.Oku-wrong ngukuthi mase sibeke ukholo lwethu kulezonhlelo zethu sizethembile;siphile izimpilo ngokokuthi nakanjani izinhlelo zethu zizokwenzeka.Size siqoshe ngama plan ethu.Ngisawukhumbula unyaka wesifo ekhaya ,okwathi uphela nje kwavela kwafiwa ,lokho kwenza ngaqonda ukuthi akuhambi ngezinhlelo zethu zikhathi zonke ,yiqiniso elimile lelo.
Ngakho…phila usuku uluthokozele ngokugcwele ngalunye.Udumise ukhazimulise uNkulunkulu ngalo.Bathande abantu oseduze nabo ,ubakhonze ngawo onke amandla akho,ngoba awunalwazi ikusasa likuphatheleni.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..