... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inhliziyo Iyakhula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 17:20,21 Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuzeizwe likholwe ukuthi wena ungithumile.

Listen to the radio broadcast of

Inhliziyo Iyakhula


Download audio file

Sewake wazizwa sengathi uqhelile kuNkulunkulu ,ule kude,uzwe sengathi naYe futhi uqhelile kuwe ngamalengiso?

Futhi kuye kuthi uma sikuleyondawo siye sizibuze ukuthi engabe kodwa uyobe esafuna kwakhona , sibuyele kuYe. Imvamisa angibibikho ekhaya ngihlale ngisemgwaqeni ngokomsebenzi weNkosi ,ngokungamangalisi ,nebala lokho kungenza ngimkhumbule unkosikazi wami ngezikhathi zonke.Njengokuba baye basho ukuthi maniqhelelene kwenza inhliziyo igcwale uthando kakhulu.

Kodwa nakhu engiye ngikuqaphele.Uma sekuziwa kuNkulunkulu kuhlukile kulokhu .Sengike ngaba sesikhathini empilweni yami lakhona engibe matasa kakhulu ,ngokwezinga lokuba nzima  ngisho ukuthola  isikhathi ngibe sebukhoneni beNkosi yami.

Futhi  uyazazela kuhamba kanjani.Ngesikhathi wehlelwa wukuthandaza ,kusikhathisinye uya ngokuya ukwenqena ukuthandaza. Ngakho ngaphambi kokuba ukwazi ,wena noNkulunkulu ubona sengathi niqhelelene ngamalengiso .Hle hle akunjalo ,kodwa wumuzwa nje lowo owuzwayo. Manje pho sikulungisa kanjani lokho? Ekwenzeni kwezinto nebala ,kukhombisa ukuthi uJesu uyalangazalela ukuba seduze nathi.

Andukuba nje abethelwe ,nawa amagama awathandaza : NgokukaJohane 17:20,21 Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.. UJesu wayekhulekela ubunye bami nawe.Lakhona siqhela kuYe siye sizitshele ukuthi ngeke esalokothe asifune sibuyele kuYe.Kodwa akukho okuliqiniso kulokho.UJesu uyakulungazalela kakhulu ukuba seduze nawe.Yingakho waya esiphambanweni. Ngakho yenza isikhathi unaYe  usuku nosuku.Ngoba uma usondela kuYe,uyohlala njalo naYe esondela kuwe.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge