... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuqala Unyaka Omusha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 27:1 Ungazigabisi ngolwakusasa ,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.

Listen to the radio broadcast of

Kuqala Unyaka Omusha


Download audio file

Ekazi kuzoba ngunyaka onjani lo kimi nawe? Ikusasa lisiphatheleni? Ngakube kuzoba ngunyaka omnandi kakhulu ,kumbe nje ?

Yikuphi okubheke ngabomvu ngawo ? Noma kunjalo happy New Year kuwe sihlobo sami! Yebo okungenani ngethembile ukuthi kuzoba ngunyaka othokozelekayo…nokho singengazi konke.Angiqondile ukukwehlisa isasasa lokuwujabulela ukuwugubha kodwa yiqiniso lelo.

Nami nginjengawe nginezifiso namaphupho ngalonyaka  omusha.Kahle hle ivese idiary yami isigcwele yizinhlelo ze ministry ,nokwehla ngenyuka izindawo ngezindawo…ngingasayiphathi eyokuya eholidini nonkosikazi wami leyo ngiyijahe kakhulu .

Ngicabanga nawe unezinhlelo eziningi ngalonyaka.Futhi lokho kuyinto  enhle.Kuhle ukuba nezinto ozilangazeleleyo ukufika kuzo. Kodwa ngithanda ukubuyela kuleloqiniso lokuthi singekwazi konke okuzokwenzeka .Akumina nje osho lokho kuwena .

Izaga 27:1 Ungazigabisi ngolwakusasa ,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku. Ngakube ku wrong yini ukuba nezinhlelo zonyaka omusha? Lutho sanhlobo.Oku-wrong ngukuthi mase sibeke ukholo lwethu kulezonhlelo zethu sizethembile;siphile izimpilo ngokokuthi nakanjani izinhlelo zethu zizokwenzeka.Size siqoshe ngama plan ethu.Ngisawukhumbula unyaka wesifo ekhaya ,okwathi uphela nje kwavela kwafiwa ,lokho kwenza ngaqonda ukuthi akuhambi ngezinhlelo zethu zikhathi zonke ,yiqiniso elimile lelo.

Ngakho…phila usuku uluthokozele ngokugcwele ngalunye.Udumise ukhazimulise uNkulunkulu ngalo.Bathande abantu oseduze nabo ,ubakhonze ngawo onke amandla akho,ngoba awunalwazi ikusasa likuphatheleni.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge