... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kusobala Nebala

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 13:16 Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.

Listen to the radio broadcast of

Kusobala Nebala


Download audio file

Mumva le ,kudalo ,abantu  bakaNkulunkulu babenikela ngezilwane e-althari.Konke lokho kubukeka kuyinto esiyexwayayo esingayazi namhlanje ,kodwa endulo kwabe kuyinto ejwayelekile .Ngenhlanhla asisadinge kuyenza yonke leyonto manje …ngakuba sisadinga ?  

Yebo nebala kulezinsuku asisekho emsebenzini wokunikela ngezilwane .Abantu bakwenza lokho ukushwelezela izono zabo ,nangezinye izizathu ezahlukahlukene.Kodwa uma ukholwa nguJesu awudingi ukushweleza ngesilwane ngezono zakho ngoba ngomnikelo wakhe omkhulu awenza esiphambanweni ,izono zakho sezithethelelwe ingunaphakade . 

Ayibongwe iNkosi ! Akusedinge mnikelo  yezilwane .Kodwa ake uthi ukuma kancane ,ngoba yonke lento  ‘yokuthethelelwa kwezono zami’ akuyona into eyenzeka kanye sekuphelele akusophinde kwenzeke lutho njalo .Kuyisiqalo sohambo olude lokuphila impilo entsha ,eguquliwe ,impilo ephila ithe njo kuJesu ,impilo ephila icobelela abanye ngothando lukaJesu ,impilo ephilwa yenza umehluko omkhulu kulomhlaba. 

KuMaHebheru  13:16Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.

Akuyona into ebukhuni okwezibalo le ,ibukhuni kangako ?  Phela kulula ukukhohlwa ukwenza okuhle esikhathini lakhona impilo ihlabahlosi ingawe futhi imatasa .Kulula ukuzithola sesiluthwe ngubutasa bokuzakha thina kuphela siphile ntofontofo  ,buthebelele size sikhohlwe  ukucobelela abanye abanezidingo ,kulokhu thina esinakho;siqhele ekwenzeni umehluko oyiwonawona kwabanye abantu .Ngakho kugcina kubukeka ukuthi iminikelo yinto esekhona,futhi iyathokozisa kuNkulunkulu . 

Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.

Kusobala kanjalo nebala .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.