... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lokhu Kungenzeka Kanjani ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:9,14,15 UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” … UJesu waphendula, wathi… “Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.

Umbuzo owawuhlale njalo ungihlupha emqondweni wami ezinsukwini  zami zangasekuqaleni ekukholweni nguJesu ,kwakuyolana : Usemqoka  ngani uJesu ebudlelwaneni bami noNkulunkulu ? Kungani kunoKhisimisi? IPhasika lona lisemqoka ngani ingempela ? 

Kuhle ukubuza imibuzo efana nalena .

NgokukaJohane  3:9,14,15 UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” … UJesu waphendula, wathi… “Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa  ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.

Kulesigaba umqondo kaNikhodima wabuyela emumva kuNumeri 21 .U-Israel wase umlahlile uNkulunkulu  ngakho wathumela izinyoka ezinobuthi  ukuba zibaqede .Abaningi baphenduka .Kodwa uMose waphenduka egameni lika Israel  ngakho uNkulunkulu wamyala ukwenza inyoka yethusi  ayibeke esigxotsheni phezulu ,ukuze kuthi uma kukhona olunywa yinyoka ,into nje kuphela ayedinga ukuyenza ngukubuka  lenyoka yethusi  qede  aphile .Kwakungekho sakhiwo esiyisibhedlela kumbe izihlungu zezinyoka ,kwakungekho futhi ukuthi kuzothunyelwa izinsizwa ngamaviyo ziyobulala lezinyoka .Lutho sanhlobo ! Kukodwa kuphela ababedinga ukukwenza ngukubuka ,babone bakholwe qede baphile . 

Futhi kungandlelanye uJesu athatha izono zethu azibeke kuYe ,kahle hle uphenduka abe yilenyoka yethusi,aphenduke isono egameni lethu  kulesosiphambano .Futhi okukodwa nje esidinga ukukukwenza akusikho ukuhamba siyozama izaba zokuzisiza thina ,kodwa ukubheka uJesu sikholwe .Kahle hle ngesikhathi siqhubeka simbheka uJesu kusikhathi sinye ukuphenduka kugeleza kithi  ezinhliziyweni,noMoya eqhubeka ehlala kithi esenza busha ezimpilweni zethu . 

Yiyona ndlela kuphela leyo yokuzalwa ngokusha ,indlela kuphela yokungena eMbusweni kaNkulunkulu .Ngakho ngicela ukukubuza ngakube uzelwe ngokusha ? 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy