Nginguvuka Nokuphila
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 11:25,26 UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”
Kulula ukukholwa ngukuphila okuphakade ,uma usemncane ,usahlalelwe yiminyaka eminingi emhlabeni ukuyiphila .Kulungile ke lokho .Kodwa uyokholwa ngokuqine kangakanani kulokho ngamhla sekucaca amathunzi aseyewukela ,sekuseduze phambili ?
Kunobaba okwabe kungu John igama lakhe .Waphila impilo yokuzinikela okumangalisayo ngokokholo olungazamazami kuJesu .Wayenonkosikazi osekucabangeni ngezinto zikaNkulunkulu namadodana amabili nawo ayelandela ezinyaweni zakhe ngokuzinikela emsebenzini weNkosi .
Ngake ngamvakashela kuyintambama lusuku lumbe ,egumbini lasebethikamezeke ingqondo .Wayelele laphaya ekhoneni lekamero ayekulona ngaphezu kokuba ngangikhuluma nginyusa iphimbo kuye ngilokhu nginyakazisa kancane amahlombe akhe ,kodwa angikwazanga ukumvusa.Ngakho ngashiya u-chocolate embhedeni wakhe qede ngashiya i–note elincane ,kwi blackboard elincane elaliseduze kwakhe .
Kodwa ngesikhathi ngimbuka ,nganginokungabaza ukuthi ekaze uyowudla yini kwawona lo chocolate engimshiyela wona .Futhi ngangikuqaphele ukuthi sengathi ,sekuseduze phambili ,ngokokubukeka kwakhe ,nokwabe kunjalo nembala .Ngokomzimba wase nje esehleli egobolondweni owayekade ehleli kulo esenguye kodwa sekuzibonakalela ukuthi asikho isigxobo esiguga namaxolo aso .Futhi yazi ngesikhathi lomhlobo wami omdala ngimbheka ngimgqolozela kwaba sengathi ngibona iphakade lisondela ,kodwa ngaqonda ukuthi nakuba iguga indlu ahleli kuyo kodwa ngaphakathi kuyo kulele iqhawe lokholo elinamandla engonyama .Ngangazi kahle kulesosikhathi ukuthi sekumcacele ukuthi usebheke empilweni yengunaphakade ngokungabazi ,useqonde ngqo ebukhoneni boMsindisi .
NgokukaJohane 11:25,26 UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka
nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”
Kubukeka ngokokuthu uMartha wakholwa .Kanjalo nomhlobo wami omdala uJohn wakholwa .Umbuzo uthi ,wena uyakholwa na?
Sihlobo kuKhrestu sinethemba eliqinile lalokhu kuphila nokuphila okuzayo .okwami nawe ukukholwa nguYe phaqa.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..