... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

NginguMalusi Omuhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 10:11-15 “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke — impisi izibhozomele, izihlakaze — ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu. “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.

Uzakwethu wangixoxela ukuthi wazinikela kuJesu esemusha eyi -teenager  kodwa okwathi ngesikhathi eqeda esikoleni esekhululekile ebugqilini  [ngokwamehlo akhe angalesosikhathi] ,uthi wavese wabona umhlaba omusha angakaze awubone omuhle ukwedlula .Ngakho wasuka ekhaya qede wayongena emasosheni konke ngenhloso yokuzwa impilo emnandi entsha abazali abakade bembophile engayiboni .

Uqhubeka athi uzakwethu ngeke wakholwa izinto ezinhle ayezibona emhlabeni wokuzimela futhi waqhubeka wazithokozisa ngakho konke ….UNkulunkulu Yena ? Yebo phakathi ekujuleni kwenhliziyo yakhe wayazi kahle kamhlophe ukuthi wayenza izinto ezingamjabulisi sanhlobo. Ngakho waqhubeka wazidelisa ngakuthandayo ezimele kude le nekhaya ,kodwa lempilo eyayithembisa kuye okuhle yagcina isibaba okwenhlaba ekugcineni  yaphenduka yayihlane ugwadule uqobo lwalo ,kwaba yikwahlongasibi lakhona kunezimpisi nabaphangi . Yilokho okwenzekayo .Yingakho uJesu wathi :

NgokukaJohane  10:11-15 “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.  Okhokhelwayo

engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke — impisi

izibhozomele, izihlakaze — ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu.  “Mina ngingumalusi

omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba;  ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.

Baningi abelusi bamanga laphandle .Kodwa uJesu umelusi weqiniso ,njengokuba wakhuluma ngokunamandla ,njengokuba amazwi akhe aba nomthelela onamandla futhi namanje osenamandla ,akazange avese ashiye ngokukhuluma kanjalo ,ashiye izinto zilenga .Wakukhombisa lokhu ngokwendlala phansi ukuphila kwaKhe ukuze asindise abanjengami nawe sihlobo  

UJesu nguYe ongumelusi weqiniso .Mlandele .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..