... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngiyisango Lensindiso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 10:7-9 Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.

Kungenzeka sewuke wawezwa lawomazwi  phambilini : sonke sinjengezimvu sidukile .Abhalwa ngumphrofethu u-Isaya .Futhi aliqiniso nebala .Sonke ,sidukile njengezimvu ezidukile .

Ngingabhala incwadi elugqinsi ngokuduka engikakubala engikudukile empilweni kusuka ngaba khona emhlabeni .Ngikholwa nawe ungabhala enjalo futhi .Futhi konke lokho kweduka kunemiphumela .Amaphutha esiwenzayo uma siduka kuNkulunkulu  kubhozomela kudwengule izimpilo zethu njengesela uqobo .

Kubukeka ziziningi izinto kulomhlaba ,bubuningi  ubuphrofethi bamanga obusikhohlisayo wena ongafunga ukuthi yiphimbo elimtoti lezipoki ezisiculela kamnandi kanti ziyosiphonsa odakeni ,zishayise umkhumbi wokuphila kwethu emadwaleni eqhwa olwandle ,thina silokhu sithi sizwa umzwilili kanti yilutho uqobo lwalo ,

siholelwa ophathe .Yebo kunemiphumela nebala kodwa okuhle zikhona  nezinye izindlela ezehlukile zokuphuma . 

NgokukaJohane  10:7-9Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. 

Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.  Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.

Ebusika kwelakwa Israel ,babeza nezimvu zabo endaweni elidiphu  lomphakathi qede  zihlangene  zonke lezimvu kulesibaya kusebusuku  .Kwakuvamisile ukuthi dukuduku  nakhu sekunyonyoba abelusi bamanga bezozama ukuntshontsha  ezabanye abelusi .Kodwa lezizimvu zazihlakaniphe kakhulu .Zazingabalaleli ngoba zazilazi iphimbo lomalusi wazo . 

Yingakho uJesu ekhuluma kubantu abayaziyo lenqubo ,nangu esengena ngokushesha kuleligama :  Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa 

Yindikimba leyo .Yikho lokhu esidinga ukukubamba kube fresh kithi namhlanje .Ungabalaleli bonke labaphrofethi bamanga abakhona .Ungavumi ukuduka ukhohliswe ,ubuyele ezonweni zakho .UJesu uyisango lensindiso yakho .Methembe ,wethembe Yena yedwa . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..