... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngingukukhanya Kwezwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:12 Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

Emasontweni edlule besilokhu sikhuluma ngobumnyama obubukeka bugubuzela umhlaba .Kodwa akuwona umhlaba nje   kuphela .Ubumnyama bugubuzela izimpilo eziningi .

Ngakho konke lokhu esingene kukho eminyakeni eqeda kudlula  – lengwadla ye COVID  ,ukufa kwabantu okuningi ,ukungazinzi kwezwe ezindaweni  eziningi ,ukuzika komnotho nokungachachambi kobudlelwane emiphakathini ,kube yisikhathi esinzima impela .Ngingasayiphathi eyezinto ebesizejwayele ebesiphila ngendlela yazo empilweni  – phela zihlale zikhona lezozinto ,angithi ?

Ngaphansi kwaleziya zimo  kulula ukufika esigabeni lakhona uzizwa sengathi ukwangqingetshe ,usekupheleni komhlaba ,kube sengathi ngubusuku obubanda umlibe bungapheli .Futhi baningi ukholo lwabo oluntengantengayo ,abazibuzayo ukuthi ukuphi uNkulunkulu kukho konke lokhu ?  

NgokukaJohane  8:12 Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

Kubukeka sengathi kimi ,lezikhathi ezinzima esibhekana nazo zisinika ithuba elikhulu elihle .Ithuba lokusondela kuJesu .Ithuba lokumvumela akhazimule ukukhanya kwaKhe ezimpilweni zethu .Ithuba lokuqhubeka simlandela empilweni futhi futhi samukele ukukhanya okuletha ukuphila .Ukuphila kweqiniso ,ukuphila okuchichimayo,ncimishi njengokuba wathembisa . 

Ake ukucabange lokhu ,ngeke kube khona ukuphila  la emhlabeni ngaphandle kokukhanya .Mangase ilanga lingaphumi kusasa nangosuku olulandelayo ,ngokushesha thina sonke esikulomhlaba siyofa . 

Libambe lelithuba .UJesu ungukukhanya komhlaba .KuYe uyoba nokukhanya okuletha ukuphila . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..