Sekuyiskhathi … Ngiyacabanga
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 10:9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa
Umama akakwazi ukukhulelwa u-half .Kukabili nje ,kusekutheni ukhulelwe noma qha.Futhi iqiniso lisekutheni mase kuziwa kwikusasa leNgunaphakade lakho ,awukwazi ukuba ngosindisiwe u-half.Kukabili phaqa ,ukuthi usindisiwe noma cha.Wena ukukuphi sihlobo? Ngakube usindisiwe ngeqiniso noma cha?
Abantu abaningi behla benyuka empilweni kusangathi bayakholwa nguJesu ,bengena bephuma ebudlelwaneni naYe ,bengazange bazinikele ngokuphelele kuYe .Njengabantu abathi baganene ,baze bahlale ndawonye kodwa uthole ukuthi abakaze benze izifungo eziphathekayo zokuzinikela zokuzibophezela ….abakaze basho esidlangalaleni ukuthi bayashadana impilo yabo yonke.Ngakube namhlanje wusuku lokuthi uthathe isinqumo ?
Nkulunkulu ngicabanga ukuthi sekuyiso isikhathi .Sekukaningi ngicabanga mumva nje .Kade ngilokhu ngizama ukucabanga ukuthi ngakube ukhona ngempela.Ekhanda lami ngiqhubeka ngizibuza ukuthi –ngokube ubukhona bakho bukhona?
Kodwa inhliziyo ,ngiyazi ukuthi khona ukhona.Ngakho ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi .Angisafuni ukuqhubeka ngiyeka sibe side isikhathi .Ngifuna ukunikela impilo yami kuwe….konke okwami.Konke engiyikho,konke enginakho,ami ,wonke amathemba namaphupho ami ngiwanikela kuwe .Yonke into engiyiyo,ngifuna ukubeka impilo yami esandleni sakho.Angazi ngempela ukuthi lokhu kuzobe kuchaza ini.Futhi Nkulunkulu angikwazi ukukuchaza lokhu engikwenzayo-kodwa ngifuna ukukwenza.
Ngakube ungakwazi ukuvese ungimukele ngiyilokhu engiyikho ? Ngibuka emumva izinto eziningi eziwubuwula engizenzile kodwa kubukeka ukude ngithi ngiyaxolisa kusengathi lokho akwanele kuwe.
Kodwa yilokho kuphela enginakho ukukwenza .Futhi Jesu uma wafela noma ubani –enhliziyweni yami ,ngiyakholwa wangifela nami.
KwabaseRoma 10:9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..