Siyeza Isikhathi
Add to Favourites2 EkaPhethru 3:10,11 Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu
Nakuba singafisa ukuthi lesikhathi esinzima esiluhlalwane lomgubane esibhekene naso asime manje , iqiniso ngukuthi ngisho nalakhona izinto zingezinhle siyafuna ukunamathela sibambelele kulempilo .Kodwa lokho akuyikuhlala kwenzeka .
Kwesinye isikhathi ngisho kwakhona ukubambelela kwimanje akuhlali kuyinto eqhamile . Ngisho singaboni sigcina sesibambelele ezimweni zethu ngisho kungathiwa ezinye zazo azikhandi mqondo .
Kimina isimo sobhubhane lweCOVID kwabe kuyinto yokusivusa emaqandeni kuloludaba .
Nganginohla lwezinhlelo zokwehla ngenyuka nomsebenzi weNkosi izindawo ngezindawo kunye nokuhlela uhambo lokuyoba nomkami eholidini , konke lokhu …ngikuhlele kahle uyabona . Konke lokho kwaze kwaba ngukuthi kuyacaca ukuthi isivese yaluchitha ubisi inkonyane ,konke kwaphenduka umquba .
Siye singanaki ukuthi uqobo lwemanje lethu silithatha kancane kangakanani kuze kube ngukuthi sesilahlekelwe yilo kuyila kusa nkwe emehlweni . Futhi angikutshele ukuthi kukhona okunye okukhulu okusendleleni okuzophazamisa imanje lethu ,okukhulu kakhulu kune COVID.
2 EkaPhethru 3:10,11Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike;
Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu
Lukhulu kunolwe- COVID. Uthanda ungathandi iNkosi iyeza .Imanje ,lonke ,yebo lonkana liyolotha liphele lonke .Siphendule kanjani kulokho ? Hlobo luni lwabantu esimelwe ukuba yilo ? Izimpilo zethu zimelwe ukuba ngcwele futhi zishisekela uNkulunkulu .
Ungalenzi iphutha shlobo ukhohlwe .UJesu uyabuya .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..