UJesu Wenza Izinto Ngendlela Ehlukile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 7:32-36 Baletha kuye isithuli esinamalimu ,bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso.Wagodluka naso esixukwini bebodwa ,wafaka iminwe yaKhe ezindlebeni zaso,wafela amatha ,waphatha ulimi lwaso,wabheka ngasezulwini wabubula wathi kuso: ‘Efratha’ okungukuthi : ‘Vuleka!’ Zase zivuleka izindlebe zaso ,wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso sakhuluma kahle.Wabayala ukuba bangatsheli muntu,Kepha kwathi ukuba ebayala kakhulu ,kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.
Asikuvume ukuthi siyathanda uma abantu ukwazi ukubaqonda bacabangani .Akekho kithi othanda ukuthelwa ngesankahlu se surprise ngomuntu.Manje kodwa uma uqhubeka ufunda ngoJesu ,kusikhathisinye la uthola khona ukuthi ,nebala ungomunye wabantu abanjalo.
Ake ,uzicabange ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu unamandla okuphulukisa wonke umuntu noma ngabe yiziphi izifo.Bese kuthi ngenxa yalokho bese uba nenkinga yabaholi bezenkolo besikhathi ophila kuso.Wenzenjani lapho? Ukwenza esithe kungaboni muntu ,kumbe esidlangalaleni kubona wonke umuntu ?
Ngiyazi ukuthi uma kuyimi enginalawomandla bese nampa nabagxeki bami ngapha ,bengokwenza sure bayabona izimangaliso engizenzayo.Kodwa uJesu qha wayengenjalo….
NgokukaMarkhu 7:32-36 Baletha kuye isithuli esinamalimu ,bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso.Wagodluka naso esixukwini bebodwa ,wafaka iminwe yaKhe ezindlebeni zaso,wafela amatha ,waphatha ulimi lwaso,wabheka ngasezulwini wabubula wathi kuso: ‘Efratha’ okungukuthi : ‘Vuleka!’ Zase zivuleka izindlebe zaso ,wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso sakhuluma kahle.Wabayala ukuba bangatsheli muntu,Kepha kwathi ukuba ebayala kakhulu ,kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.
Silindela uNkulunkulu abe ngohambisana nenqubo ejwayelekile ,futhi ocacile ucabangani andukuba akwenze.Kodwa kaninginingi uhlukile kulokho .Futhi hle hle singobani thina kwavele ukuthi sithi uNkulunkulu akenze lokhu ngalendlela kumbe usebenza ngalendlela? Singobani ukumklamela umngcele ngendlela yaKhe yokusebenza ebe enguNkulunkulu owadala iZulu nomhlaba nakho konke.
Lalela sihlobo sami.UNkulunkulu wenza izinto ngendlela yaKhe .Kunjalo nje . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..