... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isivivinyo Sokholo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 7:25-29 Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo, esezwile ngaye ,weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe .Kepha owesifazane lo wayenguMGrekhi engumSirofenike ngokuzalwa,wanxusa ukuba idemoni endodakazini yakhe.UJesu wayesethi kuye : ‘ake kusuthe abantwana kuqala,ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana usiphonse ezinjaneni.’Kodwa waphendula wathi kuYe : ‘Yebo Nkosi ;kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.’ Wayesethi kuye : ‘ngenxa yalelozwi ,hamba –ke idemoni seliphumile endodakazini yakho.’Wayesemuka waya endlini yakhe,wafumana umntwana elele embhedeni,idemoni liphumile.

Listen to the radio broadcast of

Isivivinyo Sokholo


Download audio file

Mangase kuthiwe uNkulunkulu ubengenza izinto zibe lula kunokuyikho ezimpilweni zethu.Mangase nje athi lungu  aphuthume alethe usizo la esiludinga khona .Mangase kuthiwe angase nje enze…..Sewake wazithola udlala lomdlalo wokuthi “Mangase nje kuthiwe” uwudlala ngo Nkulunkulu?

UJesu washo futhi washo izinto ezisindayo .Izinto ezingasichukuluza ukuzwa kwethu.Njengalesikhathi ebiza owesifazana ngenjana ,ngenxa nje yokuthi wabe engesiye uMJuda:

NgokukaMarkhu 7:27-29 Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo, esezwile ngaye ,weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe .Kepha owesifazane lo wayenguMGrekhi engumSirofenike  ngokuzalwa,wanxusa ukuba idemoni endodakazini yakhe.UJesu wayesethi kuye : ‘ake kusuthe abantwana kuqala,ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana usiphonse ezinjaneni.’Kodwa waphendula wathi kuYe : ‘Yebo Nkosi ;kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.’ Wayesethi kuye : ‘ngenxa yalelozwi ,hamba –ke idemoni seliphumile endodakazini yakho.’Wayesemuka waya endlini yakhe,wafumana umntwana elele embhedeni,idemoni liphumile.

Uma usakuthi nhla ngamehlo kuzwakala kulumela .Kodwa wayedlalisa ulimi ngalamasiko abaJuda nabezizwe ayentelisana ngawo,eyakhe inhloso kwabe kunguvivinya isikali sokuzimisela kokholo lwakhe.Okwathi nje uma ekhombisa ukuthi unokholo lweqiniso ,kwaba sikhathi sinye aphulukisa ngaso indodakazi yakhe.

Ngokwe-experience yami ,ngivame ukubona ukuthi ezikhathini zonke lakhona ehlola ukholo lwami,engifaka esikalini,ngawami amehlo  ngiye ngizizwe ngimanhlembethwane ngichukuluzekile.Kodwa uthole ukuthi sonke lesosikhathi ngokwenhlakanipho yaKhe ,inhloso yakhe ubekhulisa ukholo lwami ukuze angibusise ,kumbe abusise abanye ngami , kumbe mina nabo imbala.

Ungachukuluzeki uma uNkulunkulu ehlola evivinya ukholo lwakho. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge