... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amaphupho Nokusenhliziyweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 15:10-12 Wayesebabiza abantu ,wathi kubo: ‘Yizwani niqonde,akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu,kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.’ Khona kwasondela abafundi bathi kuye : ‘Uyazi ukuthi abafarisi bathe bezwa lelo zwi bakhubeka na?’

Listen to the radio broadcast of

Amaphupho Nokusenhliziyweni


Download audio file

Sonke sinezinto eziseqhulwini ezehlukahlukene empilweni.Nginazo .Nawe unazo.Futhi kungukuthi noNkulunkulu unguNkulunkulu ngokwempela naYe umelwe ukuba nazo .Umbuzo uthi ngakube okuseqhulwini kithi kuhlala kuzike kuphi kokuseqhulwini kwakhe ngezimpilo zethu?

Ngihlale njalo ngimangele ekutheni kulula kanjani ukuguqula indlela esemukela ngayo uthando lukaNkulunkulu lube yimithetho ethile.Uyazi ukuthi kuhamba kanjani.Uyamangala ukuthi wathumela uJesu ukuzokufela.Ufuna ukunika uNkulunkulu iqholo elimfanele ngalokho ……ngakho uyaqala ukusophe  ukuphila impilo yakho uyiphilele Yena.

Kodwa uthole ukuthi usankunkanya nje ,wenza imiqathango  ,echaza olunci kumbe olungekho sanhlobo kuNkulunkulu.Ake ngikucobelele lokhu  : kunamakholwa ,aMaKhrestu athi ungakudli lokhu ,ungakuphuzi lokhu ,Sewuke wawezwa nami sengike ngawezwa futhi.

Kodwa uJesu uneso elehlukile ngamalengiso :

NgokukaMathewu 15:10-12 Wayesebabiza abantu ,wathi kubo: ‘Yizwani niqonde,akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu,kepha okuphuma emlonyeni lokhu  kungcolisa umuntu.’ Khona kwasondela abafundi bathi kuye : ‘Uyazi ukuthi abafarisi bathe bezwa lelo zwi bakhubeka na?’

Kuphenduka kubukeka  kuwukuthi kuYe akusho lutho ukuthi uyilandela kanjani leyomthetho yabantu ,kodwa indaba ingokuthi yini eqhubeka enhliziyweni yakho.Ngoba kuYe ,amaphupho nezizindlo nezifiso  zenhliziyo yakho yilapho indaba yonke ikhona.

Uma sesinquma ukulandela imithetho ,bese siqale ukulandela uJesu ngamandla ethu onke ,yebo nebala lokho kuzophatha kabi abantu abaninganyana impela .Kodwa khona lapho umelwe ukuzibuza ukuthi : “ngubani ingempela engizama ukumjabulisa?”  

Yima manje ukuphila ngezinto ezakhiwe ngabantu .Qala uphile impilo yakho uyiphilele uJesu ngokunamandla . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge