Ukholo Olubuthaka ,Oluqhuzukayo ,Oluphansi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 17:5,6 Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.” Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.
Umhlobo wami u- Lowell Wertz, uneminyaka ela ko 40 eshumayela ezwenikazi i-Afrika .Izolo ngike ngaxoxa ngenselelo yakhe eyodwa abhekana nayo lakhona uNkulunkulu wayefuna ukholo kuye ,namhlanje ngithanda ukuxoxa ngeyesibili .
Nakhu u- Lowell akubhala ekomkhulu leministry yakhe e Tanzania:
“Ngomunye u-December iministry yabe isezikweletini ezinkulu esasingakaze sibhekane nazo . U-Mindy [engicabanga yi – accountant yeministry ] wangithinta wathi sekonakele kakhulu akusakoqozi esikoqokoqweni . Ngaphatheka kabi ngoba babeningi abantu ababedingile kakhulu ababelinde usizo kwi ministry yethu. Ngesikhathi ngiphuma endlini yethu ngiyohlangana nabo , [unkosikazi wami ] u-Claudia wathi, “Ungasebenzisi imali esingenayo [eqonde isikweletu] ngisashaya imoto ngiya khona ,ngangithandaza ,ngingazi ukuthi ngenze njani kulenkikalakayitheka esibhekene nayo . INkosi yakhuluma enhliziyweni yami — “Ngakubiza ukuba ube yisisebenzi sami. Hamba uyokwenza umsebenzi wami .” Ngokholo sabasiza labantu beNkosi ngemali esingenayo . Emva kwalokho kwangena umyalezo ovela ku -Mindy owawungakholakali . Wathi kunento engavamile eyenzekayo . Ibhokisi laseposini lethu laligcwele izipho ngokuphezu kokwake kwenzeka ! Saphetha lowonyaka sesinginasikweletu nesisodwa .Ukuphila okholweni akuyona i-licence yokuba yisiwula ,kodwa yisidingo okumele ube naso ukuze wenze intando kaNkulunkulu– UNkulunkulu uyaluvuza ukholo olubuthaka ,oluqhuzukayo ,oluthobekile oluphansi .
Akulona iqiniso lelo ? UsoTheology nomfundisi u-Dr Barry Chant wake wathi uma sithatha igxathi siphuma ,uNkulunkulu uthatha igxathi angenelele.Kodwa ngicela ukuthi ungakholwa nje yilababahlobo bami asebesiphe amandla okholo ngalobufakazi babo .Ungakholwa nje futhi okushiwo yimi .
NgokukaLukha 17:5,6Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”
Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.
Kholwa nguJesu . Uyaluvuza ukholo olubuthaka ,oluqhuzukayo ,oluphansi .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.