Ukoma,Ukoma ,Ukuhlala Womile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 7:37,38 Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanziaphilayo.
Into ekhona ekubeni ebutheni wukuthi : kuye kubukeke sengathi yonke imfula yakho yomile yonke sikhathi sinye.Akukuhle lokho ,kulesosikhathi sokoma nkwe ,endaweni ewuqwathule,into esisuke siyilangazelela lapho ,yisiphuzo esibanda kamnandi.
Uzakwethu eminyakeni eminingi eyadlula esaqeqeshelwa ukuba ngumkhuzi wamasosha ,babevamisa ukuphuma isikhathi esingamasonto beyozilolonga,belwa nesitha abasibona ngamehlo engqondo ukuze bafunde ubuchule bezempi.
Kwake kwanesikhathi lakhona umbutho waba kulokhu okubizwa ngokukalelwa amanzi .Amabhodlela amabili amanzi endodeni nganyinye ngosuku olulodwa .Lawomanzi isosha ngalinye lizowasebenzisa ekushefeni,ukuwasha,ukuxubha,ukupheka nokuphuza .
Kulelohlobo elalibalele likhipha umkhovu etsheni ,kuwowonke lomshikashika wemisebenzi esindayo eyayibhekene nokulwa izimpi .Angikuxoxele ukuthi lawomanzi ayengalokothi anele .
Ezikhathini eziningi babeqeda ukulwa entabeni edonsayo [bethwele o-bakha babo abasindayo nakanjani] kumbe kade kumbiwa umgodi omkhulu ukuze balwe bekwi- defense position kuwo ,konke lapho umuntu asuke esekunxanele wukuthi mbu mbu mbu emphinjeni ibhodlela lamanzi eligcwele aqede nya ukoma.
Nebala wawungeke ulokothe ukwenze lokho.Kulesosikhathi uthi uzakwethu wayeke avale amehlo akhe isithombe somqondo ukuthi kungamnandi kanjani ukuyobhukuda emfuleni ophole kamnandi.
Uyabona mawusuke ukulelozinga lokoma ,into eyodwa oyifunayo amanzi ekuchichimeni kwawo hhayi isichibi.Ufuna ukuphuza udele .Lokhu kuliqiniso ncimishi nasezimpini zokuphila ,lakhona sewome nkwe kuphele nasolwangeni.
NgokukaJohane 7:37,38 Uma ekhona owomileyo, akeze kimi,aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanziaphilayo.
Ukuzwile lokhu uJesu akushilo? Imifula ,ukuchichima koqobo kwamanzi okuphila .Ngakho kokuzayo lakhona sewome nkwe ,khumbula lokhu: uJesu akekho emsebenzini wokukukalela isabelo samanzi.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..