... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Intokozo Yokuchichima

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Esteri 10:3 Ngokuba uMoridekhayi ,uMJuda wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu,emkhulu phakathi kwabaJuda ethokozelwa ngabafowabo abaningi,efuna okuhle kwesizwe sakubo,ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.

Listen to the radio broadcast of

Intokozo Yokuchichima


Download audio file

Ukuziqhathanisa nabanye abantu ,ngenye yezinto eyimfeketho newubuwula obukhulu obubhubhisayo ukuyenza.Ngoba nasi isambulo,uNkulunkulu akakaze alokothe ukukwenza ufane nomunye umuntu.Kodwa khona kunjalo ,sihlale sifuna ukuziqhathanisa,asikwenzi lokho?

 Ngiyakuthanda ukubona abanye abantu beba yilokhu uNkulunkulu abenza baba yikho nalokhu uNkulunkulu abenza ukuba bakwenze.UJesu uqonde ukuthi singaphuzi nje kuphela kuYe kodwa size sichichime kakhulu :

NgokukaJohane  7:37,38 Uma ekhona owomileyo, akeze kimi,aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanziaphilayo.

Kodwa uthole ukuthi siba nokuzenyeza kokuthi ukuchichima kwethu kwehlukile kakhulu kunokomunye umuntu .

Esikhathini lakhona izimpilo zabantu bakaNkulunkulu zazisencupheni yengozi ,UNkulunkulu wangenelela ngo-Esteri nomalume wakhe uMoridekhayi.Kahle hle: 

Esteri 10:3 Ngokuba uMoridekhayi ,uMJuda wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu,emkhulu phakathi kwabaJuda ethokozelwa ngabafowabo abaningi,efuna okuhle kwesizwe sakubo,ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.

Manje u –Esteri no Moridekhayi babengabantu abahlukile komunye…nokho benjalo kodwa  benezingxenye ezisemqoka ngokulinganayo ,ekusindiseni abantu bakubo.

Uma siziqhathanisa nabanye abantu –“Awu mina ngeke ngikwazi ukwenza lokhu!” –impendulo ithi -, ‘phelavese ngeke ukwazi ,angithi nje  akusikho lokhu uNkulunkulu akudalela ukuthi ukwenze’ .

Noma ngabe ungu Esteri no ungu-Moridekhayi noma unguSipho noma uNosipho ,ungalenzi iphutha ,uNkulunkulu wakwenza enenhloso ekhethekile ngawe .Wakwethemba ngeziphiwo namandla futhi okuthi uma uwasebenzisa ,angikuxoxele sihlobo sami …kwenza kithi sonke esibukelayo simangale ! 

Yiba yilokhu uNkulunkulu akwenza ube yikho.Yenza lokhu uNkulunkulu akubumbela ukukwenza.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge