Ukuba Nomqondo Olangazelayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 25:2,3 Kuludumo kuNkulunkulu ukusitha into kepha udumo lwamakhosi ngukuphenya indaba . Njengezulu ngokuphama nomhlaba ngokujula injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa .
Usuke uzizwe sengathi uphila impilo egunjini lethuna uqobo ? Kodwa angikutshele noma ungakukholwa anoma ungekukholwe lokhu kodwa uNkulunkulu ukuthembe ngamandla okukwazi ukuphuma kulelothuna !
Nakhu esengike ngakuqaphela uma ngikulesosimo okungathi ikhanda lami libheke phansi ,ngizizwa sengathi ngiya egodini ngiphila ,okusengathi ayisekho enye indlela yokuphuma .Kwenza uzizwe unduvunduvu ungabi nanamicabango ecacile e-creative njengokuba uNkulunkulu wakwaluka esakhiweni sethu singabantu singathi kukwi DNA yethu ukuba nemicabango eya phambili .
i- Apple technology ungayithanda noma uyizonde ,kodwa iyaziwa kakhulu ngobuchule bokuba innovative kanjalo nama design a-stylish kamnandi .Yilokho kanye okuyenza lenkampani yehluke kwezinye ,okwesikhashanyana ,lokhu okubenza babe yinkampani enenani elikhulu emhlabeni wonke .Okuningi kwalokhu kubekeka kwabo endaweni enhle kweze technology kungenxa ye-creativity nokubuka ngeso eliya phambili le-chief design officer eminyakeni eminingi ,loyo ngu Sir Jonny Ive, owake wathi :
Nginovalo futhi ngiyanengeka uma abantu bengesenalo ulangazelelo .lokho yikho phela okuqeda isasasa lezokuxhumana .
Lokho kuhlaba ngqo ,nokho kuhambisana ncimishi nalokhu esikuxoxa namhlanje ,ngoba ulangazelelo luyinhlansi ekhongela umlilo we creativity ne –imagination .Kuyigxathi lokuqala elikukhipha egodini ,ukuba nomqondo olangazelela okuhle oku-fresh .Kodwa mhlampe ungengengizwa kahle ngoba ngibeka ngokwendlela yami ,ake ulalele nanti iZwi likaNkulunkulu ngalesihloko kanye:
Izaga 25:2,3 Kuludumo kuNkulunkulu ukusitha into kepha udumo lwamakhosi ngukuphenya indaba .
Njengezulu ngokuphama nomhlaba ngokujula injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa .
Yebo uNkulunkulu uyazifihla azisithe Kodwa kuyinto emangalisayo uma thina esidalwe ngomfanekiso waKhe ,siba nolangazelelo olwanele ukufuna ukucwaninga izinto .
Yigxathi lokuqala ukuphuma egodini lakho lelo !
Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.