Ukubuza Umbuzo Owrong
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Levithikhusi 20:7,8 Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele ,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.Anogcina izimiso zami nizenze ,nginguJehova oningcwelisayo.
AmaKhrestu amaningi abuza umbuzo owrong .Esikhundleni sokuzibuza ukuthi angamhlonipha kanjani uNkulunkulu ngobungcwele bawo ,kunalokho azibuza ukuthi; yini engingayithola ngakho ?
Mhlawumbe uzitshela ukuthi nginesandla sensimbi futhi nokwahlulela .Manje pho kungani ngazi abantu abaningi abazibiza ngokuthi bangamaKhrestu kodwa othola ukuthi mhlawumbe babuka izinhlelo kwi TV ezigcwele ucansi ngokuhlazisayo ?
Uma bekungathiwa bebenoJesu esidlweni sakusihlwa bevule I-TV ngakube ebezoqhubeka yini lamakholwa avule leyo TV show baqhubeke bayibuke ndawonye noJesu uma kuqedwa ukudla layikhaya ? Ngempela?
Mhlawumbe uthi …hhayi ngeke nceku engathi ususekukholweni kuze kweqe phela manje sekunehaba ….usuwenza njengosesezulwini kumbe umfarisi .
Angazi mhlawumbe kunjalo ,kodwa ake sikubuke lokhu ngokweZwi likaNkulunkulu ,qede sibuyele kulokho :
Levithikhusi 20:7,8Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele ,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.Anogcina izimiso zami nizenze ,nginguJehova oningcwelisayo.
Lamagama aphindwe phindwe lapha angokuzingcwelisa ,ukugcina izimiso wonke angamagama esiHebheru achaza ukuba ,clean ,msulwa ,ngcwele nokuzihlukanisela uNkulunkulu .
Futhi manje kungani simelwe ukuba yilokho ? Ngoba uyiNkosi uNkulunkulu wethu .Kungani simelwe ukumlalela [sigcine izimiso zaKhe sizenze ]? Ngoba uyiNkosi efuna ukubambisana nathi kuloluhambo ,ngokusingcwelisa .
Kukho kokubili impendulo ekutheni “ngani” Yingoba unguJehova uNkulunkulu wethu .Kumbe asithi ngakube uNguYe ngempela ? Ngakube uyiNkosi phezu kwempilo yakho? Ngibuza umbuzo onzima la ngoba lokhu kusemqoka .
Ngakube uJesu sewumenzile wayiNkosi yempilo yakho? Ngempela ? Uma kunjalo phela musa ukushaya ngezinqamulelayo .Yima ukulokhu ubuza ukuthi “yini mina engizoyithola uma ngimlalela?” Lowombuzo u-wrong uma kungukuthi …..unguJehova uyiNkosi uNkulunkulu wakho .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..