... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isekuseni LangoMsombuluko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 24:27 Qeda umsebenzi wakho ngaphandle uzilungiselele wona ensimini ,wakhe ngasemumva indlu yakho.

Baningi abantu abahlushwa zinsalela zezidubulo zempelaviki ezenzeka ngoMsombuluko .Kungumuzwa ongemnandi sanhlobo ukuqala ngawo iviki lakho . 

Mhlawumbe awuwuthandi  umsebenzi wakho  ,kumbe sewuya retire okwenza kusinde ukuqala elinye isonto ,akuyona into emnandi ukuzizwa ukuyo .Kimina nakuba ngikuthanda kakhulu engikwenzayo ,kuhlala njalo kuyiqiniso ukuthi  kuningi okungibiza ngikwenze iviki ngalinye . 

Yingakho ngizinika idiscipline ukwenza ukuhleleka ebumnyameni phezu kotwa ,ukubamba uhlelo lwami lwesonto ngilwenze kahle .Futhi lokho  okuthi mase ukwenza ,kuyinto yebhayibheli leyo ukuyenza .

Izaga  24:27Qeda umsebenzi wakho ngaphandle uzilungiselele wona ensimini ,wakhe ngasemumva indlu yakho.

Yisiluleko esihle lesi angithi ? Hleleka ,yenza izinto ngohla lwazo uqiniseke ziyenzeka .UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu wokuhleleka ekugcineni kwakho konke – sizokhuluma kabanzi ngalesosihloko kusasa .

Manje indlela yami yokukwenza lokhu ngukuqala early kakhulu ngoMsombuluko ,ngizinika ihora eligcwele ngihlelisisa kahle isonto lami.

Yiziphi izinto engazihlela ngeviki eledlule ,ezingenzekanga? Yiziphi izinto eziphuthumayo kulelisonto ? Yiziphi ezisemqoka kakhulu? Qede ngiqiniseke ngizibeka eqhulwini kwi- diary yami ,ngizilungisele isikhathi sazo .Futhi okuthi uma ngifika ekupheleni kwesonto sengikwaze ukwenza uhhafu nekota ngaphazelu wazo – ngiye ngijabule kakhulu ngoba ziningi izinto ezenzekayo osuke ungazihlelanga  zivese zikuvimbe kuma plan akho . 

Ukuzipha isikhathi uhlela iviki lakho ,kwehlisa umthwalo futhi ebese kukunika kakhulu umuzwa wethemba nokuthula . 

Qeda umsebenzi wakho ngaphandle uzilungiselele wona ensimini ,wakhe ngasemumva indlu yakho.

Kuyinto engubuNkulunkulu enamandla ngokungakholakali ukuyenza . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..