Ukuhlanza Ingaphakathi Lenkomishi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 23:25,26 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka! 26 Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.
Akekho othanda umzenzisi,nebala nawe awumthandi njengokuba nami ngingamthandi.Nokho khona kunjalo ,kunesilingo sethu ngamunye ,zonke izinsuku zokuphila,ukuthi siziveze ebusweni singokunye ,kodwa uthole ukuthi umuzwa esinawo ngaphakathi ngohluke ngamalengiso kokubonakala ngaphandle.
Akuzifake esithombeni ngengqondo uya erestaurant.Uzizwele ufuna ukushaya inkomishi ye-coffee efudumele kamnandi,ngakho bese uhlale phansi uli-ode ,bese uzifundele iphepha usalindile,khona manjalo nanti seliza.
Kuvese kufudumale itafula lonke kushintshe nephunga lamaphepha! Linephunga elimtoti ,libukeka lilihle …kodwa uvese usathi ulithi habu okokuqala ,avese uweta aqoqe inkomishi engasenalutho esetafuleni eliseduze nelakho ,bese avese engazange wayiwasha ,nanguya eseyithatha eyothela phezu kwaleyonzika ,esenzela elinye i-customer.
Manje ake ucabange ngalokho.Kukutshelani ngalelikhofi aqeda kulibeka etafuleni lakho ? Zonke izinto zibukeka zizinhle ngaphandle….kodwa abayiwashanga inkomishi yabo ngaphakathi lababantu abakulendaba.Manje ngakube uzoqhubeka noma cha uphuze ngalenkomishi abaqeda kukunika ngayo?
Ngeshwa ,ininganyana labantu kulomhlaba bathi ababenjena nabo,bahlanzekile ngaphandle ,kodwa bangcolile ngaphakathi.Lokho okuvese kuphikise kungahlangani okungaphandle nokungaphakathi,yilokho kanye esikubiza ngokuzenzisa.
Nansi indlela uJesu abeka ngayo: NgokukaMathewu 23:25,26 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka! Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. Uyabona ngokukaJesu ,okuqhubekayo kwingaphakathi lethu yikho okusemqoka kunalokho okubonwa ngabantu ngaphandle.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..